Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 9/1 k. 3
  • Kufa Abantu Abaningi Abangenacala!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufa Abantu Abaningi Abangenacala!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Kungani Kunokuhlupheka Okungaka?
    I-Phaphama!—2011
  • Okuphakathi
    IPhaphama!—2020
  • Lapho Ukuhlupheka Kuyobe Kungasekho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 9/1 k. 3

ISIHLOKO ESIYINHLOKO: KUNGANI KUNOKUHLUPHEKA OKUNGAKA? KUYOPHELA NINI?

Kufa Abantu Abaningi Abangenacala!

UNoelle, wayeyingane enothando nenobungane eyayithanda ukudweba. Ngobunye ubusuku ehlobo wayezihambela ngemuva egcekeni lakubo ngesikhathi ewela echibini lokubhukuda. Waminza sekusele nje amasonto amabili ngaphambi kokuba ahlanganise iminyaka emine.

UCharlotte, uDaniel, u-Olivia, uJosephine . . . Lawa amagama ezinye zezingane ezingu-20 ezineminyaka ephakathi kuka-6 no-7, ezadutshulwa kubantu abangu-26 esikoleni eConnecticut, e-U.S.A., ngo-December 14, 2012. Enkonzweni yomngcwabo, uMongameli u-Obama wafunda amagama azo wabe esetshela izilaleli ezililayo ukuthi: “Lezi zinhlekelele kumelwe ziphele.”

UBano oneminyaka engu-18, wasuka e-Iraq ngo-1996 nomndeni wakubo wathuthela eNorway. Abangane bakhe uma bemdlalisa babembiza ngokuthi uSun Rays okusho imisebe yelanga. Nokho, ngokudabukisayo, ngo-July 22, 2011, uBano wayengomunye kwabangu-77 ababulawa umuntu owayenenzondo ngokweqile, owazishaya isifuba ethi: “Ngifisa ukuxolisa . . . ukuthi angikwazanga ukubulala abengeziwe.”

Izindaba ezibuhlungu ezifana nalezi zibikwa ngapha nangapha emhlabeni wonke. Cabanga ngosizi nobuhlungu okuye kwabangelwa izingozi, ubugebengu, izimpi, ubuphekula, izinhlekelele zemvelo nezinye izinto ezizwisa ubuhlungu. Kufa abantu abaningi abangenacala abanye bahlupheke kakhulu, ezikhathini eziningi kusuke kungafanele!

Abanye abantu basola uNkulunkulu, bathi uMdali akabakhathaleli abantu. Abanye baphetha ngokuthi uNkulunkulu uyakubona ukuhlupheka kwethu kodwa ukhetha ukukushalazela. Abanye bathi izinhlekelele ezifana nalezi zidalelwe ukuba zenzeke. Kubonakala sengathi miningi imibono ngale ndaba. Singazitholaphi izimpendulo ezithembekile nezigculisayo? Ezihlokweni ezilandelayo, sizohlola iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuze sithole ukuthi ziyini izimbangela zokuhlupheka nokuthi kuzoqedwa kanjani.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela