Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 10/1 k. 7
  • Izindaba Ezihle Zabo Bonke Abantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindaba Ezihle Zabo Bonke Abantu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UbuKristu Beqiniso Buyanqoba!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ingosi Yethu Esemthethweni—Ihlelelwe Ukuzuzisa Thina Nabanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Yizwa Lokho Okushoyo Umoya Emabandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 10/1 k. 7

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LIKHULUMA NGANI IBHAYIBHELI?

Izindaba Ezinhle Zabo Bonke Abantu

Ukuvuswa kukaJesu kwenza abafundi bakhe baqiniseka futhi baba nentshiseko. Umphostoli uPawulu wahamba lonke elase-Asia Minor naseMedithera, ehlela amabandla futhi eqinisa amaKristu ukuba ame eqinile lapho ebhekene nezingcindezi ngokokuziphatha nokuphikiswa okunobudlova. Naphezu kwezinselele ezinjalo, abaningi baba amaKristu.

UPawulu naye waboshwa. Ngisho noma ayesejele wabhalela amabandla amaKristu izincwadi zokuwakhuthaza nokuweluleka. Waxwayisa ngosongo olukhulu ngisho nakakhulu—ukuhlubuka. Eqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu, uPawulu wabona kusengaphambili ukuthi “izimpisi ezicindezelayo” ezikhuluma “izinto ezisontekile” zaziyongena phakathi kwabo futhi ‘zimonyule abafundi ukuba bazilandele.’—IzEnzo 20:29, 30.

Ekupheleni kwekhulu lokuqala, lokhu kuhlubuka kwase kuqalile. Cishe ngaleso sikhathi uJesu ovusiwe wanika umphostoli uJohane isAmbulo, umbono ongokomfanekiso wesikhathi esizayo. Njengoba uJohane abhala, abekho abaphikisi noma abafundisi bamanga abangavimbela uNkulunkulu ukuba ayifeze ngokuphelele injongo yakhe ngomhlaba nabantu. “Zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu” ziyokuzwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (IsAmbulo 14:6) IPharadesi liyobuyiselwa emhlabeni futhi noma ubani ofisa ukwenza intando kaNkulunkulu angaphila kulo!

Ingabe lokhu kuzwakala ‘kuyizindaba ezinhle’ kuwe? Uma kunjalo, funda okwengeziwe eBhayibhelini ngalokho okushiwo uNkulunkulu ngabantu, ufunde nangendlela okungakuzuzisa ngayo namuhla nasesikhathini esizayo.

Ungazifundela iBhayibheli engosini ethi www.pr2711.com/zu. Kule ngosi ungafunda nezincwajana ezithi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? nethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!, incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? kanye nezinye izincwadi ezikhuluma ngokuthi kungani singalethemba iBhayibheli nokuthi singasisebenzisa kanjani iseluleko salo esiwusizo emindenini yethu nasekuphileni kwethu komuntu siqu. Noma khuluma noFakazi BakaJehova ukuze uthole amaphuzu engeziwe.

—Isekelwe encwadini yezEnzo, yabase-Efesu, yabaseFilipi, yabaseKolose, kaFilemoni, eyoku-1 Johane neyesAmbulo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela