Ingosi Yethu Esemthethweni—Ihlelelwe Ukuzuzisa Thina Nabanye
UJesu wasithuma ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso “emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:14) Ukuze sisizwe ‘siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu,’ izingosi ezithi watchtower.org, jw-media.org nethi jw.org ziye zahlanganiswa zaba ingosi ehlelwe kabusha ethi jw.org.—2 Thim. 4:5.
“Emhlabeni Wonke Owakhiwe”: Cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yenani labantu abasemhlabeni iyayisebenzisa i-Internet. Isiye yaba umthombo oyinhloko wolwazi kwabaningi, ikakhulu entsheni. Ingosi yethu inika abantu abasebenzisa i-Internet izimpendulo zemibuzo yeBhayibheli ezishaya emhloleni. Ibenza bazi inhlangano kaJehova futhi yenze kube lula ngabo ukucela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Yenza ukuba izindaba ezinhle zikwazi ukufinyelela ezingxenyeni zomhlaba lapho abantu bengenawo khona amathuba anele okuzwa isigijimi soMbuso.
“Ezizweni Zonke”: Ukuze sinikeze ubufakazi “ezizweni zonke,” kumelwe sishumayele iqiniso leBhayibheli ngezilimi ezihlukahlukene. Labo abangena engosini ethi jw.org bangakuthola kalula ukwaziswa ngezilimi ezingaba ngu-400, inani eledlula noma iyiphi enye ingosi.
Yisebenzise Ngokunenzuzo: Injongo yengosi ethi jw.org ehlelwe kabusha ayikona nje ukunikeza ubufakazi kubantu abangakholwa. Iklanyelwe ukuba isetshenziswe nangoFakazi BakaJehova. Uma unayo indlela yokungena kuyi-Internet, sikukhuthaza ukuba uzijwayelanise nale ngosi. Ngezansi kunokunye ukusikisela kokuthi ungayisebenzisa kanjani.
[Umdwebo ekhasini 3]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ake Uyizame
1 Ngena kuyi-Internet bese ubhala ikheli elithi www.pr2711.com/zu esikhaleni esilungiselelwe lokho.
2 Yibukabuke le ngosi ngokuchofoza ingxenye enezihloko, uhlu ongakhetha kulo nezingxenye ezikudlulisela kwamanye amakhasi.
3 Zama ukusebenzisa ingosi ethi jw.org emshinini wakho wobuchwepheshe osebenzisa i-Internet. Ikhasi lengosi liyakwazi ukuncipha lanele nasemshinini omncane, kodwa ukwaziswa kuyefana.