Uhlu Lokuphakathi
November 15, 2013
© 2013 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
UMAGAZINI OFUNDWAYO
DECEMBER 30, 2013–JANUARY 5, 2014
IKHASI 3 • IZINGOMA: 67, 81
JANUARY 6-12, 2014
Singasilondoloza Kanjani ‘Isimo Sengqondo Sokulinda’?
IKHASI 10 • IZINGOMA: 119, 32
JANUARY 13-19, 2014
Lokho Okushiwo Abelusi Abayisikhombisa Nezikhulu Eziphakeme Eziyisishiyagalombili Kithi Namuhla
IKHASI 16 • IZINGOMA: 43, 123
JANUARY 20-26, 2014
Lalelani Abelusi Abamiswe UJehova
IKHASI 21 • IZINGOMA: 125, 122
JANUARY 27, 2014–FEBRUARY 2, 2014
Belusi, Lingisani ABelusi Abakhulu Kunabo Bonke
IKHASI 26 • IZINGOMA: 5, 84
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ “Niphaphamele Ukuthandaza”
Njengoba ukuphela kwesimiso sezinto sikaSathane esibi kusondela, kubaluleke kakhulu ukuba singalali ngokomoya. Lesi sihloko sidingida indlela ukuphaphamela ukuthandaza okungasisiza ngayo ukuba sihlale siphapheme.
▪ Singasilondoloza Kanjani ‘Isimo Sengqondo Sokulinda’?
Kulesi sihloko, funda ngalokho isineke somprofethi uMika esisifundisa kona. Hlola izenzakalo eziyophawula ukuphela kwenkathi yethu yokulinda uJehova ukuba athathe isinyathelo sokuqeda lesi simiso esibi. Phawula nendlela esingabonisa ngayo ukwazisa ngokubekezela kukaNkulunkulu.
▪ Lokho Okushiwo Abelusi Abayisikhombisa Nezikhulu Eziphakeme Eziyisishiyagalombili Kithi Namuhla
Ukulandisa kokuhlasela kukaSaneheribi iJerusalema ngosuku lukaHezekiya kusiphathele izifundo ezibalulekile. Ukwaziswa okukulesi sihloko kubaluleke kakhulu kulabo abaphathiswe ukwelusa ibandla.
▪ Lalelani Abelusi Abamiswe UJehova
▪ Belusi, Lingisani ABelusi Abakhulu Kunabo Bonke
Isihloko sokuqala kulezi ezimbili sixoxa ngendlela uJehova noJesu abelusa ngayo umhlambi wabo osemhlabeni namuhla futhi sibonisa indlela izimvu okufanele zisabele ngayo ekukhathaleleni kwabo. Esesibili sihlaziya isimo sengqondo abadala bebandla okufanele balwele ukuba naso njengoba bekhonza njengabelusi abangaphansi bomhlambi.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
8 Indlela Esingasiza Ngayo Ekunakekeleni Izidingo Zabanye
ISEMBOZO: Ukufakaza emgwaqweni esiteshini sesitimela eTokyo. Bangaphezu kwezigidi ezingu-2,8 abantu abavela kwezinye izindawo abasebenza eTokyo okudingeka bagibele nsuku zonke. Kwenziwa imizamo yokufinyelela abantu abangatholakalanga ngesikhathi kwenziwa umsebenzi wethu wokushumayela endlini ngendlu
EJAPANE
INANI LABANTU:
126 536 000
ISILINGANISO SABAMEMEZELI:
216 692
AMAPHAYONA AVAMILE:
65 245