IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI
Ingabe iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ngempela?
Cishe ubungalindela ukuba iZwi likaNkulunkulu lihluke kwezinye izincwadi. Linjalo iBhayibheli. Kuye kwanyatheliswa amaBhayibheli ayizigidigidi ngezilimi eziningi. Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kunamandla okushintsha abantu.—Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13; 2 Thimothewu 3:16.
Siyazi ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngoba libikezela ikusasa ngokunembile. Akekho umuntu ongakwenza lokho. Ngokwesibonelo cabanga ngencwadi ka-Isaya. Kwatholakala ikhophi yayo emhumeni oseduze koLwandle Olufile eyabhalwa eminyakeni eyikhulu ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Ithi kwakungeke kuphinde kuhlale muntu emzini waseBhabhiloni. Lokho kwenzeka eminyakeni eminingi ngemva kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni.—Funda u-Isaya 13:19, 20; 2 Petru 1:20, 21.
Labhalwa kanjani iBhayibheli?
IBhayibheli labhalwa phakathi nenkathi eyiminyaka engu-1 600. Lalotshwa abalobi abangu-40 futhi babhala ngesihloko esisodwa ngaphandle kokuphikisana. Kwenzeka kanjani lokho? Babeqondiswa uNkulunkulu.—Funda eyesi-2 Samuweli 23:2.
Ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayekhuluma nabalobi beBhayibheli ngezingelosi, imibono noma ngamaphupho. Ngokuvamile uNkulunkulu wayefaka umqondo wakhe engqondweni yomlobi futhi amvumele ukuba akhethe amagama afuna ukuwasebenzisa ukuze abhale umyalezo kaNkulunkulu.—Funda isAmbulo 1:1; 21:3-5.