Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 10/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 10/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Kungani kufanele uthandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike?

UJesu Kristu ugibele ihhashi lesine ukuze anqobe izitha zoMbuso kaNkulunkulu

Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nangalokho oyokufeza?

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wasezulwini. UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba uMbuso ufike ngoba uyobuyisela ukulunga nokuthula emhlabeni. Awukho uhulumeni wabantu ongabuqeda ngokuphelele ubudlova, ukungabi nabulungisa noma izifo, kodwa uMbuso kaNkulunkulu ungakuqeda konke lokhu futhi uyokuqeda. UNkulunkulu ukhethe iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ibe iNkosi yoMbuso. UJehova ukhetha neqembu labalandeli bakaJesu ukuba libuse kanye noJesu kulo Mbuso.​—Funda uLuka 11:2; 22:​28-30.

Maduzane, uMbuso kaNkulunkulu uzosusa bonke abamelene nokubusa kukaNkulunkulu. Ngakho-ke umthandazo wokuba uMbuso kaNkulunkulu uze uyisicelo sokuba uhulumeni kaNkulunkulu uthathele indawo bonke ohulumeni babantu.​—Funda uDaniyeli 7:​13, 14; isAmbulo 11:​15, 18.

Kungani uMbuso kaNkulunkulu uyozuzisa abantu?

UJesu uyiNkosi efaneleka kakhulu ngoba unesihawu. NjengeNdodana kaNkulunkulu, unawo namandla okusiza bonke abacela usizo kuNkulunkulu.​—Funda iHubo 72:​8, 12-14.

UMbuso kaNkulunkulu uyozuzisa bonke abathandaza ngobuqotho becela ukuba ufike futhi abaphila ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Ngeke nanini wazisola ngokufunda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngoMbuso kaNkulunkulu.​—Funda uLuka 18:​16, 17; Johane 4:23.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka isahluko 8 sale ncwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela