Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Uyini uMbuso kaNkulunkulu?
UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wasezulwini. Uyothathela indawo bonke abanye ohulumeni futhi uyobangela ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe ezulwini nasemhlabeni. Ngakho, uMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni omuhle esiwudingayo oyoxazulula izinkinga zethu.—Funda uDaniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10.
Umbuso kumelwe ube nenkosi. UJehova uye wabeka iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ibe iNkosi yoMbuso waKhe.—Funda uLuka 1:30-33.
2. Kungani uJesu eyoba uMbusi omuhle kakhulu?
INdodana kaNkulunkulu iyoba iNkosi enhle kakhulu ngoba inomusa, ikumelela ngokuqinile okuhle futhi inamandla okusiza abantu. (Mathewu 11:28-30) Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wakhuphukela ezulwini futhi waqala ukulinda engakwesokunene sikaJehova. (Hebheru 10:12, 13) Ekugcineni, uNkulunkulu wamnika amandla okubusa esezulwini.—Funda uDaniyeli 7:13, 14.
3. Obani abanye abayobusa noJesu?
Iqembu labantu okuthiwa “abangcwele” likhethwa uNkulunkulu ukuba libuse noJesu ezulwini. (Daniyeli 7:27) Abokuqala abakhethwa ukuba babe abangcwele kwaba abaphostoli bakaJesu abathembekile. UJehova ubelokhu eqhubeka ekhetha amadoda nabesifazane abathembekile kuze kube manje njengabangcwele. NjengoJesu, bavuswa beyizidalwa zomoya.—Funda uJohane 14:1-3; 1 Korinte 15:42-45.
Bangaki abantu abaya ezulwini? UJesu wababiza ngokuthi ‘umhlambi omncane.’ (Luka 12:32) Inani labo liyogcina lingu-144 000, futhi bayobusa noJesu phezu komhlaba.—Funda isAmbulo 5:9, 10; 14:1.
4. UMbuso kaNkulunkulu waqala nini ukubusa?
UJesu waba iNkosi ngo-1914.a Ngemva nje kwalokho, waphonsa uSathane namademoni akhe phansi emhlabeni. (IsAmbulo 12:7-10, 12) Kusukela ngaleso sikhathi, izinkinga zabantu ziye zanda kakhulu. Izimpi, ukuzamazama komhlaba, indlala, ubhadane lwezifo nokungabi namthetho kuyingxenye yesibonakaliso sokuthi lesi simiso sisezinsukwini zokugcina. (2 Thimothewu 3:1-5) Bonke abafuna ukuzuza eMbusweni kaNkulunkulu kufanele bafunde ukuthi bangaba kanjani abalandeli beNkosi uJesu.—Funda uLuka 21:7, 10, 11, 31, 34, 35.
5. Yini efezwa uMbuso kaNkulunkulu?
Ngomsebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke, uMbuso kaNkulunkulu kakade usiza izigidi zabantu abavela kuzo zonke izizwe ukuba zifunde izindlela zikaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Uyovikela “isixuku esikhulu” sezikhonzi zikaJesu ezithembekile lapho ubhubhisa lesi simiso sezinto esibi emhlabeni.—Funda isAmbulo 7:9, 10, 13-17.
Phakathi neminyaka eyinkulungwane, kancane kancane, lo Mbuso uyokwenza umhlaba ube ipharadesi. Ekugcineni, uJesu uyobuyisela uMbuso kuYise. (1 Korinte 15:24-26) Ukhona yini umuntu omaziyo ongathanda ukumtshela ngoMbuso kaNkulunkulu?—Funda iHubo 37:10, 11, 29.
Ukuze uthole ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zibhekisela kanjani onyakeni ka-1914, bheka amakhasi 215-218 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka izahluko 8 no-9 zencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.