Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 11/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Abafileyo Bazovuka!
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Luyini Uvuko?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 11/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe abafileyo bangaphinde baphile?

Abantu bamukela abavusiwe ePharadesi

Ngokuqinisekile umsunguli wokuphila angabavusa abafileyo

UJehova uNkulunkulu unguMthombo wokuphila. (IHubo 36:9) Ngenxa yalokho, kunengqondo ukulindela ukuba akwazi ukuvusa abafileyo. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi yilokho kanye ayokwenza esikhathi esizayo. (Funda izEnzo 24:15) Kodwa kungani eyokwenza lokho?

Ekuqaleni uMdali wethu wayehlose ukuba abantu baphile phakade emhlabeni. (Genesise 1:31; 2:​15-17) Namanje usafuna ukuba abantu baphile phakade. Kumzwisa ubuhlungu ukubona izinto esibhekana nazo​—ukuphila kugcwele izinkathazo futhi kusheshe kuphele.​—Funda uJobe 14:​1, 14, 15.

Bayophila kuphi abavusiwe?

Ingabe uNkulunkulu wadala umuntu ukuba aphile ezulwini? Cha. UNkulunkulu wadala izingelosi ukuba ziphile ezulwini. Abantu wababeka emhlabeni. (Genesise 1:28; Jobe 38:​4, 7) Unalokho engqondweni, cabanga ngabantu uJesu abavusa. Wabavusela lapha emhlabeni. Ngendlela efanayo, iningi lalabo abayovuswa esikhathini esizayo, liyovuselwa emhlabeni.​—Funda uJohane 5:​28, 29; 11:44.

Noma kunjalo, uNkulunkulu ukhethe abantu abambalwa ukuba bavuselwe ezulwini lapho beyophila khona njengezidalwa zomoya. (Luka 12:32; 1 Korinte 15:​49, 50) Labo abayovuselwa ezulwini bayobusa njengamakhosi kanye noKristu phezu komhlaba.​—Funda isAmbulo 5:​9, 10.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka isahluko 7 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela