Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 10/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uvuko—Lobani, Futhi Kuphi?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe Likhona Ithemba Ngabafileyo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Liyini Ithemba Ngabafileyo?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 10/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Likhona yini ithemba ngabafileyo?

Ukufa kufana nokulala, abafileyo abezwa lutho futhi ngeke benze lutho. Nokho, uMdali angababuyisela ekuphileni ngokubavusa. Efakazela lokho, uNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okuvusa abantu abambalwa ababefile.—Funda uMshumayeli 9:5; Johane 11:11, 43, 44.

Ukufa kufana kanjani nokulala?

UNkulunkulu uthembisa ukuthi abafileyo abasenkumbulweni yakhe bayovuselwa ekuphileni ezweni elisha lokulunga. Labo abayovuswa kumelwe balinde ethuneni kuze kube yilapho uNkulunkulu ephinde ebabuyisela ekuphileni. UNkulunkulu uMninimandla onke uyakulangazelela ukusebenzisa amandla akhe ukubabuyisela ekuphileni abafileyo.—Funda uJobe 14:14, 15.

Luyoba njani uvuko?

Lapho uNkulunkulu evusa abantu, bayokwazi ukuzibona, babone abangane babo nemindeni yabo. Nakuba umzimba womuntu ubola, uNkulunkulu angamvusa lowo muntu esenomzimba omusha.—Funda eyoku-1 Korinte 15:35, 38.

Abambalwa bavuselwa ekuphileni kwasezulwini. (IsAmbulo 20:6) Abantu abaningi abayovuswa bayobuyela ekuphileni epharadesi elibuyiselwe emhlabeni. Laba bayonikwa ithuba lokuqala kabusha, benethemba lokuphila phakade.—Funda iHubo 37:29; izEnzo 24:15.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka izahluko 6 no-7 zencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Ungayidawuniloda engosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela