Kunesixuku esikhulu sabantu abavela kuzo zonke izizwe abayosinda empini ye-Armagedoni
Lithini Ibhayibheli?
Iyini i-Armagedoni?
Abanye bakholelwa ukuthi . . .
iwukubhujiswa komhlaba ngezikhali zenuzi, noma ukubhujiswa komhlaba okubangelwa ukulimala kwemvelo. Wena ucabangani?
Okushiwo iBhayibheli
I-Armagedoni igama lendawo emelela ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ azoqeda ngayo ububi.—IsAmbulo 16:14, 16.
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
Impi ye-Armagedoni akuyona impi yokubhubhisa umhlaba, kodwa iyimpi yokuvimbela abantu ukuba bangawubhubhisi. —IsAmbulo 11:18.
Impi ye-Armagedoni izoqeda zonke izimpi.—IHubo 46:8, 9.
Singakwazi yini ukusinda empini ye-Armagedoni?
Ubungathini?
Yebo
Cha
Mhlawumbe
Okushiwo iBhayibheli
‘Kunesixuku esikhulu’ sabantu abavela kuzo zonke izizwe abayosinda “osizini olukhulu,” okuyothi ekupheleni kwalo kube nempi ye-Armagedoni.—IsAmbulo 7:9, 14.
Yini enye esingayifunda eBhayibhelini?
UNkulunkulu ufuna kusinde abantu abaningi kakhulu empini ye-Armagedoni. Abantu ababi ubabhubhisa kuphela uma bengaphenduki.—Hezekeli 18:32.
IBhayibheli liyachaza ukuthi singasinda kanjani empini ye-Armagedoni.—Zefaniya 2:3.