Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp18 No. 3 k. 13
  • Maduze UNkulunkulu Uzoqeda Konke Ukuhlupheka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Maduze UNkulunkulu Uzoqeda Konke Ukuhlupheka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNKULUNKULU UZOZILUNGISA NINI IZINTO?
  • Thembela KuJehova Uphile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Singakanani Isikhathi Esisalele Ababi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Siyajabula NgoNkulunkulu Wensindiso Yethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-35—UHabakuki
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
wp18 No. 3 k. 13
Ukushona kwelanga

Maduze UNkulunkulu Uzoqeda Konke Ukuhlupheka

“O Jehova, kuyoze kube nini ngikhalela usizo, kodwa wena ungezwa? Kuyoze kube nini ngicela usizo kuwe ebudloveni, kodwa wena ungasindisi?” (Habakuki 1:2, 3) La mazwi ashiwo uHabakuki, indoda eyayilungile futhi ithandwa nguNkulunkulu. Ingabe la mazwi ayebonisa ukuthi wayengenalo ukholo? Cha! UNkulunkulu waqinisekisa uHabakuki ukuthi wayesesibekile isikhathi ayezoqeda ngaso ukuhlupheka.—Habakuki 2:2, 3.

Lapho wena noma umuntu omthandayo nibhekene nezinkinga, kulula ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu uthatha isikhathi eside ukusiza. Kodwa iBhayibheli liyasiqinisekisa: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”—2 Petru 3:9.

UNKULUNKULU UZOZILUNGISA NINI IZINTO?

Maduze! UJesu wathi abantu babeyobona izenzakalo ezingavamile ezaziyobonisa ukuthi sekuqala izinsuku zokugcina zalesi ‘simiso sezinto.’ (Mathewu 24:3-42) Ukugcwaliseka kwezinto uJesu athi zaziyokwenzeka kubonisa ukuthi sekuseduze ukuba uNkulunkulu alungise izinto.a

UNkulunkulu uzokuqeda kanjani ukuhlupheka? Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi uNkulunkulu unamandla okuqeda ukuhlupheka. Nazi izibonelo zalokho akwenza.

Izinhlekelele Zemvelo: Ngesikhathi uJesu esolwandle nabafundi bakhe, kwaba nesiphepho esikhulu esacishe sacwilisa isikebhe sabo. Nokho, uJesu wabonisa ukuthi yena noYise banamandla okulawula imvelo. (Kolose 1:15, 16) Wavele wathi nje: “Shh! Thula!” Kwabe sekwenzekani? “Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu.”—Marku 4:35-39.

Izifo: Kwakwaziwa ukuthi uJesu uyakwazi ukwelapha izimpumputhe, abangakwazi ukuhamba, abanesifo sokuwa, abanochoko nabaphethwe ezinye izifo. “Welapha bonke ababengaphathekile kahle.”—Mathewu 4:23, 24; 8:16; 11:2-5.

Indlala: UJesu wasebenzisa amandla ayewanikwe uyise ukuze andise ukudla okuncane. IBhayibheli lithi wasuthisa izinkulungwane zabantu izikhathi ezimbili.—Mathewu 14:14-21; 15:32-38.

Ukufa: EBhayibhelini sifunda ngabantu abathathu abavuswa nguJesu, okuwubufakazi bokuthi uJehova unawo amandla okuvusa abantu asebefile. Omunye wabantu abavuswa wayesenezinsuku ezine efile.—Marku 5:35-42; Luka 7:11-16; Johane 11:3-44.

a Ukuze ufunde okwengeziwe mayelana nezinsuku zokugcina, bheka isifundo 32 sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! Le ncwadi ikhiqizwa oFakazi BakaJehova futhi ungayidawuniloda mahhala ku-www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela