Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 2 k. 3
  • Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Lapho Kushona Umuntu Omthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Lapho Kwenzeka Inhlekelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Lapho Wehlelwa Inhlekelele
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 2 k. 3
Owesifazane osemusha usemsebenzini, uyakhala

Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki

UKUPHILA kungajabulisa kakhulu uma zonke izinto zihamba kahle. Kodwa ngezinye izikhathi izinkinga zingenza ukuphila kungabekezeleleki.

USallya wase-United States, owalahlekelwa yizinto zakhe eziningi lapho kuhlasela isiphepho, uchaza indlela azizwa ngayo: “Ngangizibuza ukuthi ngizokwazi yini ukubhekana nalesi simo. Ezikhathini eziningi ngangibona sengathi kwakungaphezu kwamandla.”

Kuthiwani uma kushona umuntu omthandayo? UJanice wase-Australia uthi: “Lapho kushona amadodana ami amabili, kwaba nzima kakhulu ukuphila. Ngancenga uNkulunkulu ngathi: ‘Ngiyahluleka ukuthwala lobu buhlungu! Ngicela ungiyeke ngilale, ngingabe ngisavuka.’”

UDaniel wadumazeka kakhulu lapho ethola ukuthi umkakhe uphingile. Uyachaza: “Lapho umkami engitshela ukuthi ulale nomunye umuntu, kwaba sengathi ungigwaze enhliziyweni. Lobo buhlungu baqhubeka izinyanga eziningana.”

Le Nqabayokulinda izobonisa ukuthi kungani kufanele uqhubeke nokuphila ngisho nalapho

  • Kwenzeka inhlekelele

  • Kushona umuntu omthandayo

  • Umuntu oshade naye ephinga

  • Uphethwe yisifo esibi

  • Kunzima ukuphila

Okokuqala, asihlole ukuthi yini engasiza lapho kwenzeka inhlekelele.

a Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela