IBhokisi Lemibuzo
● Yini okumelwe ichonywe ebhodini lezaziso lebandla?
Ibhodi lezaziso eHholo LoMbuso linikeza ukwazisa ngemisebenzi yebandla. Azikho izinto okumelwe zifakwe ebhodini lezaziso ngaphandle kokuvunyelwa umbonisi owengamele.
Ezinye zezinto ezichonywa njalo zihlanganisa: Izimiso nezabelo zoMhlangano Wenkonzo nezeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, uhlu lwezinkulumo zeningi ezihleliwe, isabelo sikasihlalo woMhlangano Weningi nesokufunda izigaba zeNqabayokulinda, indawo yeSifundo Sencwadi Sebandla nabahlanganyela kuso, isaziso sokuhambela okulandelayo kombonisi wesifunda kanye nokunye ukwaziswa okuhambisana nakho, ukwaziswa okuqondene nomhlangano ozayo, nesimiso sokuhlanzwa kweHholo LoMbuso. Ngezinye izikhathi iNhlangano iyala abadala ukuba bachome izincwadi ezithile noma okunye. Uma kuvela okuthile okungavamile, indikimba yabadala inganquma ukuthi kufanelekile yini ukuba ichonywe.
Nakuba isaziso esifushane ngokuqondene nomshado ohlelelwe ukuqhutshelwa eHholo LoMbuso singenziwa kweminye yemihlangano, isaziso somshado akumelwe sifakwe ebhodini lezaziso. Futhi akufanelekile ukuba kuchonywe izaziso zemibuthano engaphathelene nalutho olunye ngaphandle kobungane, njengoba ingahlangene nemisebenzi yebandla.—Bheka INqabayokulinda, kaOctober 15, 1984, amakhasi 24, 25; INkonzo Yethu YoMbuso, ka-August 1975, ikhasi 3.
Ibhodi lezaziso kumelwe ligcinwe licocekile futhi likhanga. Kumelwe libe likhulu ngokwanele ukuba kufakwe kulo izinto ezibalulekile ezihlelelwe lapha. Izimiso eziphelelwe isikhathi nezinto ezivamile ibandla eselizazi kumelwe zisuswe ngaphandle kokulibala. Lapho amabandla angaphezu kwelilodwa ehlanganyela ehholo elifanayo, ibandla ngalinye kumelwe libe nebhodi lalo lezaziso elihlukile, eliphawulwe ngokucacile noma ingxenye yalelobhodi. Situsa ukuba umbonisi owengamele, noma othile ngaphansi kokuqondisa kwakhe, ahlole ibhodi njalo ngezikhathi ezithile ukuze aqiniseke ukuthi izinto ezichonywe lapho ezamuva, ezifanelekile, futhi ezicocekile.