Ingabe Ulihlola Njalo Ibhodi Lezaziso?
Abadala, izinceku ezikhonzayo nabanye abenza imisebenzi ethile ebandleni balihlola njalo ibhodi lezaziso ukuze babone ukuthi sinini isabelo sabo. Nokho, bonke ebandleni bangathola ukwaziswa okubalulekile ebhodini. Uyazi yini ukuthi linini ithuba lakho lokuhlanza iHholo LoMbuso? Ingabe kunencwadi ethunyelelwe ibandla lenu evela kumbonisi wesifunda noma ehhovisi legatsha? Uyasazi yini isihloko senkulumo yeningi yaleli sonto ukuze ukwazi ukumema umuntu omfundela iBhayibheli? Ingabe kunezinguquko ezenziwe ngesikhathi semihlangano noma ezithinta iqembu lakho lenkonzo yasensimini? Okuningi kwalokhu akusamenyezelwa phakathi nemihlangano futhi kungase kungabi lula ngabadala ukuba batshele ummemezeli ngamunye ngalezi zinto. Ngakho-ke, kufanele silihlole njalo ibhodi lezaziso. Uma sihlale sinolwazi ngezinto ezenzekayo, khona-ke zonke izinto ziyokwenzeka “ngokufaneleyo nangohlelo.”—1 Kor. 14:40.