Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Njengomkhaya
1 Umkhaya ozinikezele ohileleke ngokugcwele enkonzweni engcwele—onobaba, umama, nabantwana abakhonza uNkulunkulu ngomphefumulo wonke—uwudumo egameni likaJehova eliphakeme. Siyajabula ngokuthi imikhaya eminingi enjalo iyatholakala emabandleni abantu bakaJehova emhlabeni wonke.
2 Ngempela, ubaba unomthwalo wemfanelo oyinhloko wokunakekela izidingo ezingokomoya zomkhaya wakhe. (1 Kor. 11:3) Ngokubambisana komkakhe nabantwana, umkhaya wakhe ungaba nethonya elinamandla kwabanye. (Math. 5:16) Yiziphi ezinye izindawo lapho lokhu kubambisana kungaboniswa khona?
ABAZALI BAYAHOLA
3 Ezimweni eziningi, ubaba kungenzeka ungumdala noma inceku ekhonzayo. Lokhu kusho ukuthi ngaphandle kwezithakazelo zomkhaya wakhe, esinye sesikhathi nokunakekela kwakhe kumelwe kunikezwe izindaba zebandla. Umthwalo wemfanelo kababa ukuqikelela ukuthi isikhathi anaso uyasihlukanisa ukuze umkhaya wakhe ungashiywa unganakiwe. Lokhu kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi ngenxa yalokho okumelwe akufeze ngesikhathi sakhe esilinganiselwe. Kodwa ngenxa yokuthi umkhaya wakhe uwumthwalo wakhe wemfanelo oyinhloko, ngaso sonke isikhathi kumelwe ahlele esinye sesikhathi sakhe esibalulekile ukuze abe nomkhaya wakhe ngesikhathi sokutadisha, enkonzweni yasensimini, emihlanganweni, nasekuzilibaziseni okufanele. Izimo kanye neminye imithwalo yemfanelo kungase kushintshe isimiso sikababa ngezinye izikhathi, kodwa yeka indlela okuvuza ngayo lapho engase asebenzise isikhathi nyanga zonke enkonzweni yasensimini namalungu omkhaya!
4 Ukubambisana ngakumkakhe kubalulekile. Angahlonipha umyeni wakhe ngendlela ebaluleke kakhulu ngokusiza ekuqeqesheni izingane enkonzweni. Ukushiseka nokuzinikela kwakhe okuyisibonelo kuyokwenza okuningi ekuthonyeni izingane ukuba zikhule ekwaziseni kwazo inkonzo.—2 Thim. 3:14, 15.
5 Kunezibonelo eziningi ezinhle zezimo lapho umzali oyedwa athwala umthwalo wemfanelo ongokomoya futhi waqeqesha izingane enkonzweni ngokuphumelelayo. Ngenxa yesibonelo esihle kakhulu sikamama noma sikababa wayo, intsha eningi iye yathatha ukuma okuqinile ngeqiniso, ithatha ngisho nenkonzo yesikhathi esigcwele.
UMTHWALO WEMFANELO WEZINGANE
6 Kuthiwani ngomthwalo wemfanelo wezingane? Ngisho neNdodana kaNkulunkulu ephelele, uJesu, lapho eseyingane, wazithoba esiqondisweni nasesiyalweni sabazali bakhe. (Luka 2:51) Ngakho-ke, lapho ubaba nomama behlela ukuba umkhaya usebenzise isikhathi ndawonye enkonzweni, kuyisibopho sezingane ukubonisa ukuzinikela kwazo kokwesaba uNkulunkulu ngokubambisana nabazali bazo.—Efe. 6:1-3.
7 Ukukhulekela ndawonye njengomkhaya—ukutadisha, ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, nokuba khona emihlanganweni—kuqinisa izibopho zothando nobunye emkhayeni. Abazali nezingane bahlanganyela umthwalo wemfanelo kulokhu.