Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/91 k. 2
  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izihlokwana
  • ISONTO ELIQALA NGOMAY 6
  • ISONTO ELIQALA NGOMAY 13
  • ISONTO ELIQALA NGOMAY 20
  • ISONTO ELIQALA NGOMAY 27
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 5/91 k. 2

Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

ISONTO ELIQALA NGOMAY 6

INgoma 63

10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezifanelekile ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Yisho amalungiselelo enkonzo yasensimini. Yisho noma yimaphi amalungiselelo okufakaza ngamaholide ezwe, ngoMay 9 nangomhla ka-31. Hlanganyela okuhlangenwe nakho okukodwa noma okubili kwezikhokhelo ezisatholakele kuze kube manje.

25 imiz: “Susani Abantu Ebumnyameni Nibayise Ekukhanyeni.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Esigabeni 6, yiba okungenani nokuhlangenwe nakho okubili komuntu siqu okuvela ezilalelini ngendlela INqabayokulinda eye yabazuzisa ngayo bona noma umkhaya wabo. Esigabeni 7, yisho ukusikisela okuvela kuNkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1991, ikhasi 7, kokuthi izikhokhelo singazihambisa kobani.

10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo ebekwa umdala. Ngobuciko kodwa ngokuqondile, yenza ukuba leseluleko sisebenze ngokuvumelana nezimo zebandla njengoba kudingeka. Ungase udonsele izilaleli engxoxweni.

INgoma 192 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOMAY 13

INgoma 221

8 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Hlanganisa nokubongwa kweminikelo. Tusa ibandla ngemfudumalo ngokusekela kwalo okungokwezimali izithakazelo zoMbuso kokubili ebandleni nasemhlabeni wonke.

17 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Kusihlwa.” Ukuhlanganiswa kwaso ngemibuzo nezimpendulo. Yisho amalungiselelo ebandla okufakaza kusihlwa. Kungasetshenziswa okuhlangenwe nakho okufushane kwasebandleni ukuze kuqokonyiswe ukubaluleka kokufakaza kusihlwa.

20 imiz: Hlanganyela Enjabulweni Yomhlaba Wonke Ngokuthi: “Woza!” Inkulumo, izingxoxo, nokuhlangenwe nakho okusekelwe ezihlokweni eziyinhloko zeNqabayokulinda kaJanuary 1, 1991. Lokhu kwaziswa okuvela kuNqabayokulinda kufanele kunikezwe ngentshiseko nangendlela ekhuthazayo kubekhona namazwi noma okuhlangenwe nakho okuvela kubamemezeli bebandla abashisekayo, okubonisa leyonjabulo.

INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOMAY 20

INgoma 181

10 imiz: Izaziso zebandla. Qokomisa iphuzu elilodwa noma amabili okukhulunyelwa avela komagazini bamuva. Khumbuza ibandla ngamalungiselelo okufakaza ngoMay 31.

20 imiz: “Ukusiza Abanye Lapho Sisenkonzweni Yasensimini.” Inkulumo enokuhlanganyela okuthile kwezilaleli. Ingxoxo nommemezeli oyisibonelo ochaza izinzuzo zakhe siqu azithola ngokusebenza nabanye enkonzweni yasensimini.

15 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo esekelwe esihlokweni esithi “Ingabe Uyakuzonda Ukusolwa?” esikuPhaphama! kaFebruary 8, 1991. Isikhulumi kufanele sichaze ngokucacile izindlela eziyisithupha ukusola okungenziwa ngazo kwamukeleke ngokwengeziwe.

INgoma 115 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOMAY 27

INgoma 170

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Bukeza isipho sangoJune nendlela esingahlanganiswa ngayo neSihloko Sengxoxo esisha, esithi “Manje Isikhathi Sokufuna UNkulunkulu.” ImiBhalo esikiselwe uIsaya 55:6, 7 (uNkulunkulu weqiniso angatholakala) kanye nezEnzo 17:26, 27 (umuntu kufanele afune uNkulunkulu manje).

20 imiz: “Sebenzisa IBhayibheli Enkonzweni Yasensimini.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Ngokuphathelene nesigaba 6, yiba nomboniso omfushane wokuhambisa isipho sangoJune. Sebenzisa umbhalo owodwa nje kuphela eSihlokweni Sengxoxo esisha.

15 imiz: “Indlela I-Index Engawuzuzisa Ngayo Umkhaya.” Ukuhlanganiswa kwendaba ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 2, yiba nombhangqwana oshadile ubonisa ukusetshenziswa kweIndex, ucaphuna izihlokwana ezihlukahlukene ezithakazelisayo ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “Marriage.” Uma i-Index ingatholakali, bonisa amaphuzu ngokusebenzisa uhlu lwezindaba oluphuma minyaka yonke komagazini bakaDecember 15 no-22 beNqabayokulinda nePhaphama!

INgoma 151 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela