IZaziso
● Isipho sencwadi ngoMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R16,00 kweziphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka kweziphuma kanye ngenyanga nezikhokhelo zezinyanga eziyisithupha kweziphuma kabili ngenyanga ziwu-R8,00. NgoJune: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R3,75. NgoJuly nangoAugust: Noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo wamasenti angu-75 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” nethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!
● Lapho isinqumo senkantolo siye saba esimelene nommemezeli woMbuso ngokuphathelene nokuwinwa kwengane, idivosi, noma ukuvakashela ingane, kuneqoqo lezinqumo zenkantolo kanye nokwaziswa ngokuphathelene nelungelo loFakazi BakaJehova lokuwina izingane kanye nokuzivakashela. Indikimba yabadala ingakuthola lokhu kwaziswa eNhlanganweni. Lapho ekuthola lokhu kwaziswa, lowommemezeli angase athande ukubuyisela iNhlangano izindleko zeposi. Leliqoqo liqukethe izinqumo kanye nezindaba zamacala aseMelika okufanele umuntu akunikeze ummeli wakhe ngaphambi kokuba icala liyiswe enkantolo ukuze ummeli akwazi ukuhlomela ukuhlangabezana nanoma iziphi izimpikiswano ezingase ziphakanyiswe. Indikimba yabadala akufanele icele lokhu kwaziswa ukuze ikugcine emafayeleni ayo kodwa kufanele ikucele lokhu kwaziswa kuphela lapho kunecala ngempela eliqhubekayo.
● IMIHLANGANO YESIGODI: Siyajabula ukunikeza izinsuku, amadolobha, izilimi kanye nezifunda ezabelwe zoMhlangano wethu Wesigodi ka-1991 “Wabathandi Benkululeko.”
September 27-29: EWindhoek (isimiso sezilimi ezimbili isiBhunu/isiNgisi), iSifunda 1A saseNambia.
October 4-6: EOngwediva (isimiso sezilimi ezimbili isiKwanyama/isiNdonga, isiPutukezi), iSifunda 1B saseNambia.
October 11-13: EThekwini (isiNgisi, isiZulu), iZifunda 4, 8, 51, 28, 29, 30, 31 (ingxenye yesiZulu), 45A.
ENewcastle (isiZulu), iZifunda 22A (eMpumalanga), 23, 27, 42 (eNyakatho), 45B.
Empangeni (isiZulu), iZifunda 24, 25, 26, 42 (eNingizimu).
November 29–December 1: ESt. Helena (isiNgisi).
December 13-15: EThulamahashe (isiTsonga), iZifunda 17, 18, 20.
EGaborone, EBotswana (isiNgisi, isiTswana), iSifunda 1 saseBotswana.
EBloemfontein (isimiso sezilimi ezimbili isiBhunu/isiNgisi, isiSuthu), iZifunda 41, 21, 52, 53 (ngaphandle kweCarletonville neFochville).
December 20-22: EKapa (isiBhunu, isiNgisi, isiXhosa), iZifunda 6, 10, 38, 48.
EGoli (isiBhunu, isiNgisi, isiGreki kancane, isiPutukezi, isiSuthu, isiZulu), iZifunda 1, 2, 7A, 11, 12, 13, 40C, 49, 53 (iCarletonville neFochville kuphela).
ELebowa-Kgomo (iSipedi, nesiVenda kancane), iZifunda 17 (isiVenda, izingxenye zeSipedi), 19, 46.
EMafikeng (isiTswana), iZifunda 14, 39, 47.
EMaputo (isiPutukezi, isiTsonga).
EMdantsane (isiXhosa), iZifunda 34A, 36, 37, 43.
EPort Elizabeth (isiBhunu, isiNgisi), iZifunda 5, 9.
December 27-29: Kanyamazane (isiZulu), iZifunda 18, 19, 20 (izingxenye zesiZulu).
KwaManzini (isiZulu, nesiNgisi kancane), iZifunda 1, 2 zaseSwazini.
EMaseru (isiSuthu, nesiNgisi kancane), iZifunda 1, 2 zaseLesotho.
EPitoli (isiBhunu, isiNgisi, isimiso esinezilimi ezintathu iSipedi/isiSuthu/isiTswana, isiZulu), iZifunda 3, 7B, 15, 16A no-B, 19 (ingxenye yesiTswana), 40A no-B, 50, 22B (eNyakatho).
January 3-5, 1992: Emtata (isiXhosa), iZifunda 31 (isiXhosa), 32, 33, 34B, 35, 44.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli—isiNdonga