Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/92 k. 11
  • Yandisa Ingxenye Yakho Ekuhanjisweni Komagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yandisa Ingxenye Yakho Ekuhanjisweni Komagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 10/92 k. 11

Yandisa Ingxenye Yakho Ekuhanjisweni Komagazini

1 Ukuhanjiswa komagazini kungenye yezindlela eziyinhloko esisakaza kabanzi ngazo isigijimi soMbuso. Phakathi nezikhathi zamuva nje ukuhanjiswa komagazini bekulokhu kwehla emabandleni amaningi. Phakathi noJune 1992 isilinganiso sokuhanjiswa komagazini eNingizimu Afrika kwakungu-3,8 ummemezeli ngamunye, kuyilapho ngonyaka odlule kwakungu-5,2. Lokhu kuthambekela kungelashwa kanjani? Kungani ungasebenzisi lokhu kusikisela okubili okulandelayo?

2 Kuphaphamele Ukuhambisa Omagazini: Nakuba isimo sezomnotho esiya siba sibi kungenzeka siye saba nethonya elithile ekuhanjisweni komagazini bethu, sikholelwa ukuthi isizathu esiyinhloko kuwukuntuleka kokusekelwa kwamalungiselelo omsebenzi kamagazini. Kwabaningi bethu, yonke iMigqibelo, ekuseni noma ntambama, inikeza ithuba elihle lokuhlanganyela ekuhanjisweni komagazini. Amabandla amaningi abekela isikhathi eceleni somsebenzi wokuhanjiswa komagazini phakathi nesonto ukuze kuvuleke amathuba ngabamemezeli abangakwazi ukwenza inkonzo yasensimini ngoMgqibelo. Abanye bangase bathole ukuthi ukufakaza kwakusihlwa kunikeza amathuba amahle kakhulu okuhambisa omagazini endlini ngendlu. Umsebenzi wasemgwaqeni, ukusebenza insimu yezamabhizinisi, ukufakaza ngokwethukela, nemizila kamagazini konke kuyizindlela ezinhle esingahlanganyela ngazo ekuhambiseni omagazini. Emsebenzini ovamile wendlu ngendlu, omagazini bamuva bangahanjiswa uma isipho senyanga singathathwa. Ukuphaphamela ukwenza kanjalo kungasilethela injabulo.

3 Zibekele Umgomo Womuntu Siqu: Ungase ufise ukulwela isilinganiso sikamagazini owodwa ihora ngalinye osenkonzweni ngalo enyangeni. Umgomo wakho womuntu siqu kumelwe kube onengqondo, ucabangele izimo zakho zomuntu siqu nesikhathi okwazi ukusisebenzisa enkonzweni yasensimini.

4 Ngenhlangano yakhe ebonakalayo, uJehova uyaqhubeka elungiselela esikudingayo ukuze sandise ukuhlanganyela kwethu ekuhanjisweni komagazini. Njengoba umsebenzi onjalo udumisa uJehova, siyothola injabulo ejulile elethwa ukuba nengxenye eyandisiwe ekuhanjisweni komagazini.—Joh. 15:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela