Imihlangano Yenkonzo Ka-February
Isonto Eliqala Ngo-February 1
INgoma 171
10 imiz:Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezivela ku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Qokomisa ukuhanjiswa komagazini bamuva.
20 imiz:“Ukubambisana Nomqhubi WeSifundo Sethu Sencwadi Sebandla.” Imibuzo nezimpendulo. Yazisa ibandla ngenani labamemezeli nokuthi bangaki abaphuma njalo ensimini. Khuthaza ngokufudumele bonke abamemezeli ukuba babe nomgomo wokuhlanganyela njalo enkonzweni ISONTO NGALINYE, futhi babike inkonzo enjalo ngokushesha ekupheleni kwenyanga ngayinye ebhokisini lombiko elilungiselelwe.
15 imiz:“Izintshumayelo Ezilula Neziphumelelayo.” Xoxa nezilaleli. Lapho nicabangela isigaba 3, yiba nomboniso obonisa indlela ummemezeli ahambisa ngayo incwadi ethi Ungaphila Phakade. Umninikhaya kufanele abonise isithakazelo esisobala. Lapho nixoxa ngesigaba 5, bonisa indlela ummemezeli asebenzisa ngayo ipheshana lapho umninikhaya enqaba isipho.
INgoma 215 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 8
INgoma 126
10 imiz:Izaziso zebandla. Xoxa ngamaphuzu okukhulunyelwa komagazini bamuva. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini ngalempelasonto.
15 imiz:“Imikhankaso Ekhethekile Ka-March No-April.” Ingxoxo ngombonisi wenkonzo. Yazisa ibandla ngenani lamaphayona asizayo abhalisele u-March. Nokho sisekhona isikhathi sokwenza isicelo. Ungase uxoxe nabanye abathatha ubuphayona obusizayo ngo-April ngonyaka odlule. Baye bazuza kanjani? Ingabe kukhona okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo? Ingabe bahlela ukuhlanganyela futhi kulonyaka? Nikeza inani lamaphayona asizayo abhalisele u-April, kuze kube manje. Yakha intshiseko ngosuku olukhethekile lukamagazini ngo-April 3.
20 imiz:“Qhuba Izifundo ZeBhayibheli Ngencwadi Ethi Ungaphila Phakade.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Ngemva kokucabangela isigaba 6, bonisa indlela umuntu osemusha angahambisa futhi aqalise ngayo isifundo seBhayibheli esebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade. Landisa nganoma yikuphi okuhlangenwe nakho kwasebandleni kwentsha eye yakwazi ukuqalisa izifundo.
INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 15
INgoma 143
10 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Dlulisela ukwazisa kweNhlangano ngeminikelo ethunyelwe, futhi utuse ibandla ngokusekela ngokwethembeka izidingo zebandla. Khuthaza ukuhlanganyela emsebenzini wensimu wangempelasonto.
20 imiz:“Nibafundise . . . Enginiyalé Ngakho.” Ukucatshangelwa kwesihloko nezilaleli ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nixoxa ngezigaba 4 no-5, nikeza ezinye izibonelo zamatekisi nezincwadi ezifanelana nezimo zendawo. Yiba nomboniso olungiselelwe kahle obonisa indlela ongaxhuma ngayo ingxoxo yakho yesethulo nelinye lamapheshana. Cabangela isigaba esisodwa noma ezimbili zepheshana uma isikhathi sivuma. Khuthaza bonke ukuba baphikelele ekuzameni ukuqalisa izifundo zeBhayibheli ezintsha.
15 imiz:“Ababona Abathengisi Bezwi LikaNkulunkulu.” Inkulumo ngombonisi owengamele noma omunye umdala esekelwe emakhasini 26-9 e-Nqabayokulinda ka-December 1, 1992. Tusa abazalwane ngokufudumele ngengxenye yabo ekusekeleni umsebenzi weNhlangano womhlaba wonke kanye nebandla. Kungase futhi kukhulunyelwe lokho ibandla elikwenzayo ekusekeleni iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso kanye nanoma yimiphi imisebenzi yokwakha yebandla okungenzeka iyenziwa okwamanje.
INgoma 181 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 22
INgoma 150
10 imiz:Izaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini. Bukeza nebandla amalungiselelo akhethekile enzelwe u-March no-April. Yisho inani lamaphayona asizayo ango-March nenani lalawo asebhalisele u-April kakade. Tusa ibandla ngokufudumele ngokusekela kwalo okuhle umsebenzi wokushumayela.
20 imiz:“Ukubonisa Ukwazisa Ngesihlengo.” Inkulumo ngomdala.
15 imiz:Izidingo zebandla noma inkulumo ekhuthazayo esekelwe ekwazisweni okusesihlokweni se-Nqabayokulinda ka-October 1, 1992, esithi “Funda Ukulalela Ngokwamukela Ukuyalwa.” Bonisa indlela zonke izinceku zikaJehova—kokubili ezincane nezindala—ezamukela ngayo isiyalo, futhi uxoxe ngezinzuzo eziza ngokubheka ukulalela ngombono oqondile.
INgoma 211 nomthandazo wokuphetha.