Qhubeka Uthi: “Woza!”
1 Yeka ilungiselelo elimangalisayo uJehova aye walenza ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo! Kuwo sithola isisekelo sakho konke okudingekayo kokwenza abantu bajabule ngempela. (Joh. 3:16) Nokho, kuyadabukisa ukuthi bambalwa kakhulu abaye bafinyelela ekulazini nasekulikholelweni ngokuqinile leliqiniso. Nakuba kunjalo, ngokukhathalela kwakhe kothando ngesintu, uJehova uye wahlela ukuba enze lezindaba ezinhle zaziwe abantu kuyo yonke indawo. NgeNdodana yakhe, uJesu Kristu, uye wanikeza bonke ithuba lokuthola injabulo nethemba lokuphila okuphakade.—Joh. 17:3.
2 Ezinkulungwaneni zeminyaka, Lowo owayezohlenga isintu esonweni nasekufeni wayengaziwa. ‘Kwakuyimfihlakalo’ kwaze kwaba yilapho uKristu Jesu efika futhi ‘eletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli.’ (Roma 16:25; 2 Thim. 1:10) Abalandeli bakaJesu bamemezela lezindaba ezinhle ekhulwini lokuqala; manje thina esiphila ezikhathini zanamuhla sinelungelo eliphakeme lokumemezela lezindaba ezinhle ezifanayo. Lapho sishumayela isigijimi soMbuso, sihlanganyela noJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu, nabafowabo bakaKrisu, abamema abantu bazo zonke izindlela zokuphila bethi: ‘Woza! thabatha amanzi okuphila ngesihle.’—IsAm. 22:17.
3 Yiqiniso, akubona bonke abayozilalela lezindaba ezinhle. Bambalwa kakhulu abalalela ngokunakekela. Abanye ngendelelo bayazixosha izinceku zikaNkulunkulu, ezibamemela ukuba bazuze emanzini eqiniso anikeza ukuphila. Nakuba kunjalo, ngamandla avela kuJehova, siyaphikelela kulomsebenzi. Siyazi ukuthi ukuzimisela kwethu ukukhuluma iqiniso nokusiza noma yibaphi abayokuzwa kuyamjabulisa uJehova futhi kuletha isibusiso sakhe.
4 Enkonzweni yethu ngo-March, siyokhuthaza abafuna iqiniso ukuba bafunde incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo futhi bajabulele ithemba elinikezayo. Bayovuna izibusiso eziningi ngokwenza kanjalo. Phela, incwadi yesAmbulo ikhuluma ngekusasa—elabo nelethu. Abanye manje abayizinceku zikaJehova ezizinikezele baqala ukuba nesithakazelo eqinisweni ngemva kokufunda izincazelo zencwadi yesAmbulo kwenye yezincwadi zeNhlangano. Njengoba muva nje thina ngokwethu siye sayifunda ngokuningiliziwe incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, singakutusa ukubaluleka kwayo kulabo abanhliziyo-ziqotho abalambele iqiniso. Njengoba sithola abanjalo enkonzweni yethu, siyozama ukuveza iphuzu elilodwa noma amabili avelele encwadini ethi Umvuthwandaba WesAmbulo ukuze sibabonise ukubaluleka kwayo. Phakathi kokunye, singabhekisela ezincazelweni zayo ezicacile zeziprofetho zeBhayibheli eziye zagcwaliseka kulelikhulu lama-20, njengokugibela okuphawulekayo kwabagibeli bamahhashi abangokomfanekiso abachazwe esahlukweni sesithupha sesAmbulo.
5 Kufaneleka kakhulu ngathi ukuba sikhulume ngamalungiselelo othando kaJehova ngesintu njengoba silungiselela ukugubha umkhosi weSikhumbuzo sokufa kukaKristu ngo-April 6. Kungakhathaliseki ukuthi abantu bakhetha ukulalela noma cha, siyaphikelela esabelweni sethu esisinikwe uNkulunkulu sokudlulisela isimemo esifudumele kunoma ubani ofunayo: ‘Woza! thabatha amanzi okuphila ngesihle.’