Imihlangano Yenkonzo Ka-august
Isonto Eliqala Ngo-August 2
INgoma 63
10 imiz:Izaziso zebandla neZaziso ezifanelekile eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Xoxa ngamaphuzu angase akhulunyelwe akomagazini bamuva. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini kulempelasonto.
10 imiz:“Umbiko Omuhle Ka-April!” Inkulumo efudumele, neshukumisayo enikezwa ngunobhala. Yisho okwakwenziwa ibandla phakathi no-April. Khuthaza wonke umuntu ukuba ahlanganyele enkonzweni masonto onke futhi abike ngokushesha ekupheleni kuka-August. Chaza isizathu sokuba kube okubaluleke kangaka ukuba ummemezeli wezindaba ezinhle ophuma njalo. Khuluma ngethuba lokuba nabamemezeli abangabhapathiziwe ebandleni.
10 imiz:Qokomisa ukubaluleka kwencwadi ethi Ungaphila Phakade. Kungase kushiwo amanani ukuze kuboniswe ukwanda phakathi neminyaka okwakusetshenziswa ngayo lencwadi. Abaningi baye bathola iqiniso ngokufunda lencwadi. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abafunda lencwadi lapho bengena eqinisweni. Bacele balandise ngalokho abajabulela ukukufunda kuyo nokuthi ingasetshenziswa kanjani ensimini. Khuthaza abazalwane ukuba bayihambise ngentshiseko.
15 imiz:“Ukuzalwa Ngokusha.” Incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 332-6. Umboniso wabamemezeli ababili okuthi phakathi nomsebenzi wendlu ngendlu bathole umuntu obuzayo, “Ingabe usuzelwe ngokusha?” Abamemezeli baphendula ngenye yezindlela ezisikiselwe emakhasini 335-6. Ngemva kwalokho, abamemezeli baxoxa ngokuphindela kulomuntu besebenzisa amaphuzu asemibhalweni esezigabeni 4-6 ekhasini 334.
INgoma 193 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 9
INgoma 70
10 imiz:Izaziso zebandla, kuhlanganise nombiko wezimali nokubongwa kweminikelo. Tusa ibandla ngokusekela kwalo ngemali ibandla kanye nomsebenzi womhlaba wonke weNhlangano.
15 imiz:Umbonisi owengamele noma omunye umdala ofanelekayo ukhuluma ngencwadi ka-June 17, 1993, ephathelene nokuvota. Sebenzisa ukwaziswa okusencwadini ethi Ukubonisana ngaphansi kwesihloko esithi “Ukungathathi-hlangothi” ukuze usize izilaleli ziqaphele ukuma oFakazi BakaJehova abakuthathayo ezindabeni zalelizwe. Xoxa ngawo wonke amaphuzu avelele akulencwadi ka-June, ufunde imibhalo uma isikhathi sivuma. Yiba nomboniso lapho abantu ababili bezombangazwe abahamba befuna abazovota bezama ukwenza umkhaya othile ukuba uvote okhethweni oluzayo. Ngenhlonipho indoda nomkayo kafushane babe sebazisa lezivakashi ngokuma kwabo, besekela izimpendulo zabo ngemibhalo efanelekayo.
20 imiz:“Lwela Ukubenza Balalele.” Xoxa nezilaleli. Qokomisa ukubaluleka kokubheka umninikhaya ngamunye njengomuntu onezithakazelo zakhe siqu, ngenjongo yokuxoxa naye. Yiba nemiboniso emifushane esekelwe ekusikiseleni okusezigabeni 2 no-3. Gcizelela ukusetshenziswa komagazini ngaso sonke isikhathi enkonzweni yasensimini.
INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 16
INgoma 20
5 imiz:IZaziso zebandla.
20 imiz:“Phindela Ukuze Usize Abantu Bazi Indlela Abangaphila Ngayo Phakade.” Sihlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo. Yiba nomboniso owodwa wempindelo esekelwe entshumayelweni ehlelwe ezigabeni 5 no-6.
20 imiz:“Izimfuneko Isikhonzi Esisha Nesingumakad’ Ebona Okumelwe Zihlangabezane Nazo.” Sihlanganiswa umdala ngemibuzo nezimpendulo. Phetha ngokufingqa amaphuzu ngemfudumalo kodwa kafushane uwenze afanelane nezidingo zebandla.
INgoma 6 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 23
INgoma 148
10 imiz:IZaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini.
20 imiz:“Zifune Ngobuqotho Izifundo ZeBhayibheli.” Ukuhlanganiswa kwesihloko umbonisi wenkonzo ngemibuzo nezimpendulo. Funda bese ubonisa indlela imibhalo ekhonjiwe esebenza ngayo. Bukeza indlela umsebenzi wezifundo zeBhayibheli oye waqhubeka ngayo ebandleni eminyakeni emihlanu edlule, bese uvumelanisa amazwi okuphetha nezidingo zebandla.
15 imiz:Ukubaluleka Kwezinsuku Zezenzakalo Esifundweni Sethu SeBhayibheli. Ngemva kwenkulumo emfushane esekelwe ekwazisweni okungaphansi kwesithi “Incazelo” ekhasini 176 encwadini ethi Ukubonisana, xoxa nezilaleli ngokunye ukwaziswa okusele ngaphansi kwesithi “Izinsuku Zezenzakalo.” Cabangela esithi “Kungani oFakazi BakaJehova bethi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ngo-1914?” Qokomisa indlela lokhu kwaziswa okubasiza ngayo abasanda kuhlanganyela ukuba bakulungele ukuvikela isigijimi soMbuso.
INgoma 43 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 30
INgoma 156
10 imiz:Izaziso zebandla. Inkulumo ephathelene nesihloko esithi “Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa.” Khuthaza bonke ukuba bahlele kusengaphambili ukuba babe khona esimisweni somhlangano okhethekile wosuku olulodwa phakathi nonyaka wenkonzo ka-1994. Memezela usuku nendawo uma sekwaziwa. Khuthaza nokuhlanganyela emsebenzini wasensimini wangempelasonto.
20 imiz:Inkulumo esekelwe ekwazisweni okusencwadini ethi Ukubonisana ngaphansi kwesihloko esithi “IBhayibheli,” amakhasi 58-64. Qokomisa inzuzo thina siqu esiyitholayo ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu.
15 imiz:Xoxa ngomkhankaso wensimu engabelwe. Yazisa ibandla ngalokho osekufeziwe kuze kube manje bese uchaza amalungiselelo omkhankaso osasele. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abanokuhlangenwe nakho abangakuhlanganyela nebandla. Khuthaza bonke ngokufudumele ukuba bawusekele ngokugcwele lomkhankaso. Amabandla angeke akwazi ukusebenza insimu engabelwe kulonyaka angaxoxa ngezidingo zebandla. Khuluma ngesikhuthazo umbonisi wesifunda asinikeza phakathi nokuhambela kokugcina. Khumbuza abazalwane ukuba bahlole ukuthi yonke imibiko yonyaka wenkonzo ka-1993 ifakiwe.
INgoma 31 nomthandazo wokuphetha.