Izikhumbuzo ZoMhlangano Wesigodi
Ngokuphathelene nemihlangano yesigodi ngo-December, sizani nikhumbule lokhu okulandelayo:
Nakuba isimo siye sathuthuka eminyakeni edlule, sisathola ukuthi inani elikhulu labazalwane, abangenazo izabelo abazinakekelayo emhlanganweni, liyazula phakathi nesimiso. Ngakho, sithanda ukunikhuthaza nonke ukuba nihlale phansi phakathi nesimiso bese nilalelisisa ukwaziswa okusuke kunikezwa.
Ukuze nizuze kakhulu esimisweni kubalulekile ukuba nibe senikhona lapho kuhlatshelelwa ingoma nomthandazo wokuvula futhi nihlale kuze kube ingoma nomthandazo wokugcina usuku ngalunye. Abanye, ukuze bagweme ukuminyana kwabantu, banomkhuba omubi wokuhamba ngaphambi kwengoma nomthandazo wokugcina.
Siyaqiniseka ukuthi bonke abayobe bekhona bayofuna ukuzilandela lezizikhumbuzo ezikhethekile.