Khuluma Iqiniso Kumakhelwane Wakho
1 Omunye wemithetho emibili emikhulu uwukuthi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Math. 22:39) Lolo thando luyosishukumisela ukuba sihlanganyele nomakhelwane bethu into engcono kakhulu esinayo—iqiniso esiye salithola eZwini likaNkulunkulu. Njengoba INqabayokulinda ne-Phaphama! kungomagazini abagcizelela isigijimi seBhayibheli seqiniso, ukubasakaza ngenyanga ka-May kungenye yezindlela ‘esikhuluma ngazo iqiniso komakhelwane bethu.’—Efe. 4:25.
2 I-“Phaphama!” ka-April 22 kufanele ihanjiswe kuze kube yilapho isiphelile onayo. Ungase uqale intshumayelo yakho ngokubuza:
◼ “Ucabangani ngezwe elingenayo impi? [Lindela impendulo.] Ubuwazi yini ukuthi izinkolo zezwe empeleni zigqugquzela izimpi nokubulala? [Lindela impendulo.] Ngokuphambene nalokho, phawula lokho iBhayibheli elithi abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso bazokwenza.” Funda u-Isaya 2:2-4 ophezulu ekhasini 4 lalomagazini, bese ekhasini 10 ufunda isigaba sokuqala ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ukumenywa Kwabathandi Bokuthula.” Yibe usubuza: “Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uzokwenza kanjani lokho? Impendulo iyatholakala kulomagazini. Ngingathanda ukukushiyela labomagazini ababili ngomnikelo ka-R2,00.”
3 Lapho uhambisa “INqabayokulinda” ka-May 15, zama ukubhekisela esenzakalweni samuva esisematheni esiye senza abantu bazizwa bengalondekile, bese ubuza:
◼ “Ucabanga ukuthi yini edingekayo ukuze sizizwe silondeke ngempela kulokhu kuphila? [Lindela impendulo.] Empeleni, ingabe kunengqondo ukuthembela kubantu ukuba baxazulule izinkinga isintu esibhekene nazo? [Lindela impendulo; bese ufunda iHubo 146:3.] Umhubi ube esesinikeza isizathu sokuba nethemba ngesikhathi esizayo. [Funda iHubo 146:5, 6.] Isihloko esithi, ‘Ukulondeka Kweqiniso—Manje Naphakade,’ sichaza ukuthi kungani singathembela kuJehova uNkulunkulu ukuba alethe izimo ezingcono emhlabeni.” Sikisela ukushiya omagazini ababili bese ubuya nizoxoxa ngokuthi kungenzeka kanjani ukujabulela ukuphila okulondekile khona manje.
4 Indaba esesembozweni se-“Phaphama!” ka-May 22 kufanele ivuse isithakazelo kubantu kokubili endlini ngendlu nasensimini yezamabhizinisi. Ungayethula ngokuthi:
◼ “Abesifazane abaningi baye babhekana nenkinga ehlasimulisa umzimba yokunukubezwa ngokobulili endaweni yomsebenzi. Lesi simo siye saba esingathi sína kangangokuba izinkantolo seziqalile ukujezisa abenzi balobo bubi nokunxephezela izisulu. Ukuze sisize umphakathi siye sanyathelisa lombiko, oqeda noma iziphi izinto ezingelona iqiniso ezishiwoyo ngalokhu. Unikeza nemibono ewusizo kwabesifazane nasemadodeni ngendlela abangazivikela ngayo ekubeni izisulu noma ekumangalelweni ngokuhlukumeza ngokobulili. Ungathanda yini ukuwufunda lomagazini othi Phaphama!? [Lindela impendulo.] Omagazini bethu sibashiya ngomnikelo omncane ka-R2,00.”
5 Uma uthanda intshumayelo emfushane, ungase uzame lena:
◼ “Abantu abaningi banomuzwa wokuthi omagazini abaningi banamuhla abathandwa kakhulu baqokomisa ezentengiselwano kakhulu, ubulili, noma ubudlova. [Mbonise INqabayokulinda ne-Phaphama!] Sihambisa labomagazini abahle abasekelwe eBhayibhelini. Bayafundisa kakhulu futhi basifundisa nokukhulekela uNkulunkulu, ukuthanda umakhelwane wethu, nokulondoloza ukuziphatha okuqotho. Uma uluthanda loluhlobo lwezincwadi, ngiyazi ukuthi uzokujabulela ozokuthola kulabomagazini.”
6 Uma sikushisekela ukukhuluma iqiniso nomakhelwane bethu, singase sikwazi ukulethela abaningi injabulo.—IzE. 8:4, 8.