Singayekethisi Ekumemezeleni Izindaba Ezinhle
1 AmaKristu okuqala ayithatha ngokungathi sína inkonzo yawo. ULuka wabika: “Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.” (IzE. 5:42) Akukho lutho, ngisho noshushiso imbala, olwalungabavimbela! (IzE. 8:4) Babekhuluma ngeqiniso kwabanye nsuku zonke.
2 Kuthiwani ngathi? Zibuze: ‘Ingabe nginawo umuzwa wokuphuthuma kwezikhathi? Ingabe ngithambekele ekuqhubekeni ngimemezela izindaba ezinhle ngokungayekethisi?’
3 Izibonelo Zanamuhla Zokushumayela Ngokungayekethisi: Udade othile, owayenesifo sovendle, wayephefumula ngomshini. Wayengakwazi ukuya eHholo LoMbuso noma emhlanganweni. Kodwa wayematasa kakhulu ememezela izindaba ezinhle. Phakathi neminyaka engu-37 evalelekile, wakwazi ukusiza abantu abangu-17 ukuba bafunde iqiniso! Wakwenza kanjani? Nakuba ayengakwazi ukuya endlini ngendlu, usuku ngalunye wayeyithola indlela yokufakaza ngokwethukela kulabo ababexhumana naye.
4 Abazalwane bethu eBosnia kuye kwadingeka babhekane nempi nokuswela. Nakuba kunjalo, bayaqhubeka njalo nokushumayela kwabanye. ESarajevo abamemezeli bebelokhu beba nesilinganiso samahora angu-20 inyanga ngayinye bekhuluma nabanye ngezindaba ezinhle, futhi ngokwesilinganiso baqhuba izifundo zeBhayibheli ezimbili emunye. Naphezu kwezimo zabo ezinzima, bayashumayela futhi bafundise ngokungayekethisi.
5 Intsha nayo ibonisa intshiseko ngenkonzo. Umkhaya woFakazi eRwanda wafakwa endlini lapho amasosha ayelungiselela ukuwubulalela khona. Lomkhaya wacela imvume yokuthandaza kuqala. Wavunyelwa, futhi indodakazi encane, uDeborah, yathandaza ngokuzwakalayo: “Jehova, mina noBaba sihambise omagazini abahlanu kuleli sonto. Sizobuyela kanjani kulaba bantu siyobafundisa iqiniso futhi sibasize bathole ukuphila?” Ngenxa yokholo lwakhe oluqinile nothando lwakhe ngenkonzo, umkhaya wonke awuzange ubulawe.
6 Namuhla, kunesidingo sokuqaphela amathuba okufakaza kwabanye nokufuna labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade.’ (IzE. 13:48) Ngokuvumelana nezimo zendawo, abadala bebandla benza amalungiselelo okufakaza ngamaqembu ngezikhathi ezifanelekile, kungakhathaliseki ukuthi kusekuseni, ntambama, noma kusihlwa. Izihloko ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso nezingxenye zeMihlangano Yenkonzo, imihlangano yesifunda, nemihlangano yesigodi zinikeza ukusikisela okufika ngesikhathi nesikhuthazo sokuhlanganyela ezicini ezihlukahlukene zokufakaza ngoMbuso. Ngaphezu kwalokhu, ababonisi besifunda nabesigodi baqeqesha abamemezeli ekufakazeni emgwaqweni, bababonise indlela yokusebenza insimu yamabhizinisi, bababonise nezinye izindlela zokunikeza ubufakazi noma kuphi lapho bethola khona abantu. Konke lokhu kugcizelela ukuthi singayekethisi ekumemezeleni izindaba ezinhle!
7 Abaphostoli bakaJesu bamemezela ngesibindi: “Asinakuyeka ukukhuluma ngezinto esizibonileyo nesizizwileyo.” Baphikelela kanjani naphezu kweziphazamiso? Bacela uJehova ukuba abasize, okuyilokho akwenza, futhi “bonke ngothi lwabo bagcwala umoya ongcwele futhi babekhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.” (IzE. 4:20, 29, 31) Ngeke sonke sibusiswe ngokuthola okuhlangenwe nakho okuvelele enkonzweni, kodwa uma sinesifiso esiqotho ngempela sokumemezela izindaba ezinhle ngokungayekethisi futhi uma senza umzamo wokwenza kanjalo mihla yonke, uJehova uyosisiza.