Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/97 k. 1
  • Kuthiwani Ngezihlobo Zakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Ngezihlobo Zakho?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufakaza Ezihlotsheni—Kanjani?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Qabula Izihlobo Zakho Ngamanzi Eqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukufinyelela Izinhliziyo Zezihlobo Ezingebona OFakazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Iqiniso Liletha Inkemba Hhayi Ukuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 2/97 k. 1

Kuthiwani Ngezihlobo Zakho?

1 Iningi lethu linezihlobo eziningana ezingekho eqinisweni. Yeka indlela esikulangazelela ngayo ukuba abathandekayo bethu babe nathi endleleni eya ekuphileni! Ukukhathalela kwethu ikusasa labo laphakade kuba kukhulu uma bengamalungu omkhaya wethu. Ngisho noma siye sazama iminyaka eminingi ukubenza babe nesithakazelo eqinisweni, kufanele singaphethi ngokuthi ngeke kusalunga.

2 Lapho uJesu eshumayela, “eqinisweni, abafowabo babengalubonisi ukholo kuye.” (Joh. 7:5) Ngesinye isikhathi, izihlobo zakhe zazicabanga ukuthi uyahlanya. (Marku 3:21) Nokho, uJesu akazange alilahle ithemba. Ngokuhamba kwesikhathi, abafowabo balamukela iqiniso. (IzE. 1:14) Umfowabo ngomzali oyedwa, uJakobe, waba insika ebandleni lobuKristu. (Gal. 1:18, 19; 2:9) Uma ungathanda ukuthola injabulo yokubona izihlobo zakho zamukela iqiniso, ungakuyeki ukuqhubeka uzama ukuzifinyelela ngezindaba ezinhle zoMbuso.

3 Yiba Oqabulayo, Ungabacinanisi: Lapho uJesu eshumayela kwabanye, izilaleli zakhe zazizizwa ziqabulekile, zingenakwesaba. (Math. 11:28, 29) Akazange abacinanise ngezimfundiso ababengenakuziqonda. Ukuze uqabule izihlobo zakho ngamanzi eqiniso, zichathazele kancane ngesikhathi, ungavele nje uziwulukuhlele! Umbonisi wesifunda waphawula: “Imiphumela emihle kakhulu itholwa yilabo abavusa ilukuluku lokufuna ukwazi ezihlotsheni zabo ngokufakaza ngesilinganiso esikahle.” Ngalendlela, ngisho nabaphikisi bangase baqale ukubuza imibuzo futhi ekugcineni balomele iqiniso.—1 Pet. 2:2; qhathanisa neyoku-1 Korinte 3:1, 2.

4 AmaKristu amaningi ashadile aye abunikeza ngokuphumelelayo ubufakazi kubangane bawo bomshado abangakholwa ngokumane ashiye incwadi ivulwe endabeni engase ibathakazelise. Omunye udade owakwenza lokhu wayeqhubela izingane isifundo endaweni umyeni wakhe ayezokuzwa kuyo, anikeze nezincazelo ezazizomzuzisa. Ngezinye izikhathi wayembuza: “Lapho ngitadisha namhlanje ngifunde lokhu nalokhu. Ucabangani ngakho?” Ekugcineni umyeni wakhe walamukela iqiniso.

5 Hlonipha, Futhi Ube Nesineke: Omunye ummemezeli waphawula ukuthi “ngisho nezihlobo zinelungelo lokuba nemibono yazo.” Ngakho kufanele sibonise inhlonipho lapho ziveza imibono yazo noma uma zisicela ngokuqondile ukuba singaxoxi nazo ngeqiniso. (UmSh. 3:7; 1 Pet. 3:15) Ngokuba nesineke nothando nangokuba izilaleli ezinhle, singafuna amathuba afanele okunikeza ubufakazi ngezindlela eziphansi. Isineke esinjalo singaba nomvuzo, njengoba kwabanjalo ngendoda engumKristu eyakhuthazelela ngesineke ukuphathwa kabi umkayo ongakholwa iminyaka engu-20. Lapho eseqala ukushintsha, wathi: “Yeka indlela engibonga ngayo kuJehova ngokuthi wangisiza ukuba ngihlakulele isithelo somoya sokubekezela, ngoba manje ngiyawubona umphumela: Umkami useqalile ukuhamba endleleni yokuphila!”

6 Kuthiwani ngezihlobo zakho? Kungenzeka ukuthi ngokuziphatha kwakho okuhle kobuKristu nangokubathandazela, “ungase ubazuzele kuJehova.”—1 Pet. 3:1, 2, umbhalo waphansi we-NW.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela