IMihlangano Yenkonzo Ka-February
Isonto Eliqala Ngo-February 3
INgoma 27
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba bayibike ngokushesha inkonzo yabo yasensimini yango-January. Unobhala kanye nabaqhubi besifundo sencwadi kufanele bahlole ukuthi ifakiwe yini yonke imibiko ebingakafakwa yezinyanga ezidlule. Lemibiko eyephuzile kufanele ihlanganiswe nombiko webandla wango-January.
15 imiz: “Hlanganyela Emsebenzini Ongasoze Waphindwa.” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, hlanganisa namaphuzu asesihlokweni esithi “Ukuhlala Uqaphile—Kanjani?” esisencwadini ethi Abamemezeli, emakhasini 714-15.
20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngomuzwa Wokuphuthuma.” (Izigaba 1-5) Ngemva kokukhulumela kafushane isigaba 1, usihlalo uxoxa nabamemezeli ababili noma abathathu ngezigaba 2-5. Babukeza amaphuzu avelele ezintshumayelo ezisikiselwe bese bexoxa ngokuthi kungani lezi zintshumayelo noma ezifana nazo zingaphumelela ensimini yendawo. Abamemezeli baprakthiza lezi zintshumayelo ngokushintshana. Usihlalo uyatusa, abese esikisela izindlela zokwenza lezi zintshumayelo ziphumelele ngokwengeziwe. Ube esecela izilaleli ukuba zisho izindlela okungase kufinyelelwe ngazo umgomo wokuqala izifundo. Unikeza ukusikisela okuqondile kwendlela okungagcinwa kuqalwe ngayo isifundo ngencwadi ethi Ulwazi.
INgoma 34 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 10
INgoma 29
5 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
10 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngomuzwa Wokuphuthuma.” (Izigaba 6-8) Makube nemiboniso yezintshumayelo ezisezigabeni 6-7. Gcizelela isidingo sokwenza izimpindelo kubantu ababonisa isithakazelo.
30 imiz: “Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10 000.” Umbonisi wenkonzo asihlanganise ngemibuzo nezimpendulo. Qokomisa ibhokisi elisekhasini 3. Bukeza izimiso ezingamasampula ezisekhasini 6. Ummemezeli ngamunye obhapathiziwe kufanele akucabangele ngokomuntu siqu nangomthandazo ukuthi uzokwazi yini ukubhalisa inyanga eyodwa noma ngaphezulu. Abamemezeli abangabhapathiziwe bangakwandisa ukuhlanganyela kwabo enkonzweni ngokuzibekela umgomo wabo siqu wamahora inyanga ngayinye.
INgoma 43 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 17
INgoma 30
10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho amaphuzu athakazelisayo okukhulunyelwa akomagazini bamuva angase asetshenziswe enkonzweni kuleli sonto.
13 imiz: “ISikhumbuzo—Isenzakalo Esibaluleke Kakhulu!” Imibuzo nezimpendulo. Nikeza isikhuthazo sokuba yonke inyanga ka-March yenziwe ikhetheke ngokuba amaphayona asizayo. Gcizelela ukuba kusetshenziswe izimemo zeSikhumbuzo.
22 imiz: Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya. Ezinyangeni zamuva, kuye kwahanjiswa amakhulu ezinkulungwane ezincwadi ezinkulu. Lokhu kunikeza isisekelo sokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezengeziwe. Bukeza lokho ibandla elakufeza ekuhambiseni izincwadi. Khuthaza abamemezeli ukuba balandelele bonke abantu ababonisa isithakazelo. Makube nabamemezeli abaningana balandise ngokuqondile ngemizamo okwadingeka bayenze ukuze baqale izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezintsha. Gcizelela ukuthi ingxenye ebaluleke kakhulu yokuthunywa kwethu ukwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Lokhu kungenziwa ngokuphumelelayo uma sizama ukusebenzisa ukusikisela okwanikezwa esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996.
INgoma 47 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 24
INgoma 32
18 imiz: Izaziso zebandla. Bakhuthaze bonke ukuba ekupheleni kwenyanga bayifake ngokushesha imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-February, kuhlanganise nanoma imiphi imibiko ebingakafakwa yezinyanga ezidlule. Yisho amagama abo bonke abangamaphayona asizayo ngo-March. Chaza ukuthi akukephuzi kakhulu ukufaka isicelo. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngenkuthalo enkonzweni yasensimini ngoMgqibelo, March 1. Chaza amanye amalungiselelo enziwe ebandleni emihlangano yenkonzo yaphakathi nenyanga. Bukeza ngokucophelela iBhokisi Lemibuzo.
12 imiz: “Kuthiwani Ngezihlobo Zakho?” Indoda nomkayo baxoxa ngalesi sihloko ndawonye futhi banquma ukuthi bazoxoxa kanjani ngezindaba ezinhle nezihlobo zabo ezingakholwa.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1990, amakhasi 25-7.
15 imiz: Bukeza Isipho Sencwadi Sango-March—Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Yisho kafushane izizathu ezenza imikhaya iwohloke emphakathini wanamuhla. (Bhekani INqabayokulinda ka-October 15, 1992, amakhasi 4-7.) Bukeza lokho okuqukethwe yilencwadi, ekhasini 3. Cela izilaleli ukuba zisho izahluko okungase kusekelwe kuzo izintshumayelo. Phawula ngebhokisi lokufundisa eliwusizo eliba sekugcineni kwesahluko ngasinye. Makube nommemezeli onekhono enze umboniso wendlela yokuhambisa lencwadi. Bakhumbuze bonke ukuba bazitholele ezabo izincwadi abazozisebenzisa ngalempelasonto.
INgoma 48 nomthandazo wokuphetha.