Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/97 k. 7
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulungele Yini Ukugadla Kwenhlekelele Engokwemvelo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ungasiza Kanjani Ngemva Kwenhlekelele
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
  • Siza Abanye Bakhuthazelele Izikhathi Ezinzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Inkonzo Yokunikeza Usizo
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 2/97 k. 7

IBhokisi Lemibuzo

◼ Yini okufanele yenziwe lapho kugadla inhlekelele ebathinta ngokuqondile abafowethu?

Lapho Kugadla Inhlekelele Endaweni Yakini: Ungatatazeli. Beka umoya phansi, bese ugxila kulokho okubaluleke ngempela—ukuphila, hhayi izimpahla. Nakekela izidingo ezingokwenyama eziphuthumayo zomkhaya wakho. Yibe sewazisa abadala ngesimo sakho nanokuthi nikuphi.

Abadala nezinceku ezikhonzayo bafeza indima ebalulekile ekunikezeni usizo. Uma kunikezwa isixwayiso kusengaphambili sokuthi kuzoba nenhlekelele, njengoba kuyaye kwenziwe uma kuzokuba nesiphepho esikhulu, laba bazalwane kufanele baqikelele ukuthi wonke umuntu usendaweni ephephile, futhi uma isikhathi sivuma, kufanele bathole futhi babe izinto okungenzeka zidingeke.

Ngemva kwalokho, abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele bafune umkhaya ngamunye futhi babuze ngenhlalakahle yawo. Umbonisi owengamele noma omunye umdala kufanele aziswe ngesimo somkhaya ngamunye, ngisho noma konke kuhamba kahle. Uma kukhona olimele, abadala bayozama ukuhlela ukuba athole ukwelashwa. Bayolungiselela nanoma yiluphi olunye usizo lwezinto ezibonakalayo njengokudla, okokwembatha, indawo yokukhosela, noma izinto zasendlini ezidingekayo. (Joh. 13:35; Gal. 6:10) Abadala bebandla bayonikeza ibandla ukusekela okungokomoya nokungokomzwelo futhi bayohlela ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuba kuphinde kube nemihlangano yebandla. Ngemva kokuba usuhlolisisiwe umonakalo ukuthi ungakanani, umdala uyothinta umbonisi wesifunda ukuze amazise nganoma yibaphi abalimele, ngomonakalo owenzeke eHholo LoMbuso, noma ngomonakalo owenzeke emakhaya abazalwane, kanye nanganoma yiziphi izidingo ezikhethekile. Umbonisi wesifunda uyobe eseshayela ihhovisi legatsha ucingo elazisa ngesimo. Uma ungenakukwazi ukuthintana nombonisi wesifunda, ungathintana nehhovisi legatsha ngokuqondile. Ihhovisi legatsha liyobe selilungiselela noma yiziphi izinto ezinkulu zokusiza ezidingekayo.

Uma Kugadla Inhlekelele Kwenye Indawo: Khumbula abazalwane nodade emithandazweni yakho. (2 Kor. 1:8-11) Uma ufisa ukunikeza usizo lwezimali, iminikelo yakho ungayithumela eNhlanganweni, lapho kuba nesikhwama sokusiza salenjongo. Ikheli lithi: Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740. (IzE. 2:44, 45; 1 Kor. 16:1-3; 2 Kor. 9:5-7; bheka INqabayokulinda ka-December 1, 1985, amakhasi 20-2.) Ungazithumeli izinto kuleyo ndawo yenhlekelele ngaphandle kwalapho abazalwane abaqondisayo bekucele ngokukhethekile. Lokhu kuyokwenza ukuba umzamo wokusiza wenziwe ngohlelo futhi izinto zabiwe kahle. (1 Kor. 14:40) Siza ungayishayeli iNhlangano ucingo ngokungadingekile, ngoba lokho kungavimba izingcingo ezingenayo ezivela endaweni yenhlekelele.

Ngemva kokuhlolisisa isimo, iNhlangano iyonquma ukuthi kufanele yini ikomiti yokusiza ibekhona. Abazalwane abaqondisayo bayokwaziswa ngalokhu. Sonke kufanele sibambisane nabadala abaholayo ukuze kunakekelwe izidingo ezibucayi zabo bonke abafowethu.—Bheka ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 310-15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela