Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/97 k. 7
  • IZindaba Ezingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZindaba Ezingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 2/97 k. 7

IZindaba Ezingokwasezulwini

ENingizimu Afrika: NgoMgqibelo ka-November 2, 1996, kwakuyisikhathi esijabulisa kakhulu kubafowethu abangu-2024 lapho babehlangene ngenjongo yokunikezelwa kweHholo labo LoMhlangano elisha eBellville eNtshonalanga Cape. Okwenezela enjabulweni yalesi senzakalo kwakuwukuba khona kukamongameli weNhlangano, uMfoweth’uMilton G. Henschel nomkakhe. Wanikeza inkulumo yokunikezela. Ngenxa yomusa wabafowethu baseCape, amalungu eKomiti Yegatsha kanye nomkawo nawo akwazi ukuba khona kulesi senzakalo esijabulisayo. Siyababonga abafowethu ngesenzo sabo esihle kangaka sokubonisa uthando lwabo nentshiseko ngoJehova njengoba bakubonisa ngomoya wabo wokuphana.

NgeSonto, abangu-9500 bahlangana eStellenbosch lapho uMfoweth’ uHenschel anikeza khona inkulumo eyakhayo esekelwe kumShumayeli isahluko 12. Wanxusa ukuba intsha eningi esenhlanganweni yenze inkonzo yesikhathi esigcwele ibe umsebenzi wayo wokuphila konke. Uma uvakashela eCape, zizwe wamukelekile ukuvakashela lesi sakhiwo seHholo LoMhlangano.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela