Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/97 k. 9
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 4/97 k. 9

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-April nango-May: Isikhokhelo sonyaka se-Nqabayokulinda esifika ngeposi ngomnikelo ka-R41,00, somagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R20,50. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini uma isipho senqatshwa. Ensimini yaphakathi nesonto nasensimini ehlanganiswa njalo, kungase kusetshenziswe nencwajana entsha ethi, Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-June: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R4,00. Gxilani ekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,20 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Amabandla ayobhalelwa incwadi atshelwe ngesipho sasensimini engabelwe.

◼ Labo abahlanganyela nebandla kufanele bazithumele ngebandla zonke izikhokhelo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ezintsha nezivuselelwayo, kuhlanganise nezabo siqu.

◼ Umkhankaso wensimu engabelwe uyoba ngenyanga ka-August kuya ku-October 1997. Abamemezeli namaphayona bakhuthazwa ukuba balisekele leli lungiselelo, ngaleyo ndlela baqikelele ukuthi abaningi abasensimini engabelwe babuthola ngokugcwele ubufakazi. Ngonyaka odlule wasekelwa kahle lomkhankaso futhi kwaba nemiphumela emihle. Abamemezeli abangu-8382 babika lokhu okulandelayo: izincwadi ezingu-8729; izincwajana ezingu-27 731; amahora angu-74 464; izikhokhelo ezingu-31; omagazini abangu-25 060; izimpindelo ezingu-5100; nezifundo zeBhayibheli ezingu-442.

◼ INhlangano ayiwathumeli ama-oda ezincwadi abamemezeli ngabanye. Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kwenziwe isaziso inyanga ngayinye ngaphambi kokuba kuthunyelwe i-oda lebandla lezincwadi eNhlanganweni ukuze bonke abanesithakazelo sokuthola izincwadi bakwazi ukutshela umzalwane ophatha izincwadi. Sicela nikhumbule ukuthi yiziphi izinto ezi-odwa ngokulinganisela.

◼ Amabandla aziswa ukuthi angasebenzisi ama-video eNhlangano emihlanganweni yebandla esikhundleni sesimiso esivamile. Lama-video akhishelwe ukuba asetshenziswe ensimini, hhayi emihlanganweni yebandla. Abezindaba, izikole namayunivesithi bangawadlala ama-video eNhlangano uma nje bezokusho ukuthi ashicilelwe iNhlangano futhi bawadlale wonke bangashintshi lutho. Izinkulumo zama-slide ezashicilelwa iNhlangano zingase zisetshenziswe emihlanganweni yebandla.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Watchtower ne-Awake! ka-1996. Lemiqulu izotholakala ngesiJalimane, isiNgisi nesiPutukezi. Uma ibandla lenu line-akhawunti yezincwadi eNhlanganweni, ama-oda akufanele niwathumele nemali. Imali yawo iyofakwa kuyi-akhawunti yebandla yezincwadi. Kuze kube yilapho imiqulu isitholakala futhi isithunyelwe, ayobhalwa kuma-invoice ebandla ngokuthi “Back Ordered.” Amabandla anezikweleti kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele awathumele nemali ama-oda awo. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokulinganiselwa futhi iyobiza u-R26,00 umunye, ibandla, iningi namaphayona.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

I-Watch Tower Publications Index 1986-1995 (ibandla neningi: R24,00; amaphayona: R17,50)—isiNgisi

◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:

Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? (ibandla neningi: R10,00; amaphayona: R9,00)—isiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa, isiZulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela