Fundisa Abanye Lokho UNkulunkulu Akufunayo
1 Basengatholakala Abantu Abaningi Abaye Bagodlelwa ‘Ukuzwa Amazwi KaJehova.’ (Amose 8:11) Nakuba Abanye Bekholelwa Ukuthi UNkulunkulu Ukhona, Abayazi Injongo Yakhe Nezimfuneko Zakhe. Ngakho Kunesidingo Sokuba Sibafundise Iqiniso LoMbuso Elisindisa Ukuphila. Ngokukuhlomela Kahle Kanye Nokukulungela Ukufakaza Ngawo Wonke Amathuba, Singabafinyelela Labo Abafuna Ukufunda Lokho UJehova Akufunayo.
2 Ngo-April Nango-May, Siyobe Sihambisa Omagazini Abahambisana Nesikhathi Be-Nqabayokulinda Ne-Phaphama! Masihambise Isikhokhelo Ngawo Wonke Amathuba. Ngaphezu Kwalokho, Ngokokuqala Ngqá, Sizohambisa Incwajana Ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Imifanekiso Yayo Ekhangayo Kanye Nemibuzo Ecabangisayo Kwenza Lencwajana Ihehe Ngempela. Sinikezwe Lokhu Kusikisela Okulandelayo Ukuze Kusisize Sizisebenzise Ngokunenzuzo Izincwadi Zethu Ezinhle.
3 Ukufuna Abantu: Ezindaweni lapho abantu abaningi bengatholakali khona emakhaya uma sibahambele endlini ngendlu, kubonakala kuzuzisa ukufuna abantu futhi sixoxe nabo noma kuphi lapho betholakala khona. Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1996 sasikhuthaza ukuba sishumayele izindaba ezinhle yonke indawo—emgwaqweni, ezintweni zokuhamba zomphakathi, emapaki, ezindaweni zokupaka izimoto nasezindaweni zamabhizinisi. Sasiqaphelisa nangesidingo sokwakha amathuba okushumayela ngokwethukela. Njengesibonelo salokhu, udade oyiphayona waya e-zoo ephethe omagazini abaningana be-Phaphama! ka-August 8, 1996 eyayinochungechunge lwesihloko esithi “Izitshalo Nezilwane Ezisengozini—Kungani Kufanele Ukhathazeke?” Lingakapheli nehora, wayesehambise omagazini abangu-40 kubantu abathanda izilwane abanokwazisa okukhulu! Iyiphi impumelelo obe nayo ngokushumayela izindaba ezinhle kuyo yonke indawo? INqabayokulinda ne-Phaphama! kanye nencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? zenzelwe ngokukhethekile ukusetshenziswa kuzo zonke izici zokufakaza ngoba ziqokomisa ukwaziswa okuthinta ukuphila kwabantu futhi kushukumise ikhono lokucabanga.
4 Ukuqala Izingxoxo: Ikhasi elingemuva le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996 linemininingwane yendlela ongayilungiselela ngayo intshumayelo yakho yokuhambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Ukusikisela okufanayo kungasebenza kahle lapho ulungiselela intshumayelo yokuhambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Esikushoyo kungaba yimisho nje embalwa engahlanganisa umqondo othile ongokomBhalo. Kubalulekile ukuwasho ngokucophelela amazwi esingeniso, ngoba anganquma ukuthi umuntu oxoxa naye uzoqhubeka yini ekulalela noma cha. Abanye baye baphumelela ngalesi singeniso: “Ngifunde isihloko esithile esiye sangikhuthaza futhi ngingathanda ukusihlanganyela nawe.” Noma, ungase ubuze umbuzo othakazelisayo ukuze umhilele engxoxweni umuntu oxoxa naye.
5 Uma kufaneleka endaweni yakini, ezintshumayelweni zakho zalenyanga ungase uzame ukubuza imibuzo enjengalena elandelayo:
◼“Namuhla sibona izindonga eziningi zezakhiwo zomphakathi zibhaliwe, imfucumfucu nokungcola. Yini edingekayo ukuze umhlaba uhlanzwe futhi wenziwe ube yindawo engcono okungahlalwa kuyo?” Lindela impendulo, bese uchaza ukuthi unokwaziswa okusiqinisekisa ukuthi umhlaba uyoba kanjani insimu enhle yomhlaba wonke futhi nini. Mfundele ukukhulumela okuthile, umbhalo omfushane futhi umbonise umfanekiso okhangayo okumagazini wamuva, bese umhambisela wona nomagazini owumngane wawo ukuba abafunde ngomnikelo ka-R2,00. Yisho ukuthi abantu abaningi abajabulela ukufunda omagazini bethu benza izikhokhelo. Chaza ilungiselelo lesikhokhelo. Ngaphambi kokuba uphethe ingxoxo, zama ukuhlela ukuba niyiqhube ngesinye isikhathi.
◼“Ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba sihlale sikhungethwe yizinkinga ezinjengalezo esibhekene nazo namuhla?” Ngemva kokuphendula kwalowo muntu, ungase uthi: “Cishe ujwayelene nomthandazo uJesu awufundisa abafundi bakhe, wabafundisa ukuthi bacele ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike. Wake wazibuza yini ukuthi uyini ngempela uMbuso kaNkulunkulu?” Vula isifundo 6 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? bese ufunda imibuzo ebuzwa ekuqaleni kwesifundo. Khona-ke, njengoba ufunda isigaba 1, mbonise impendulo yombuzo wokuqala. Chaza ukuthi yonke imibuzo iphendulwe ngendlela ecace kanjena. Hambisa incwajana ngomnikelo ka-R1,20, bese uhlela ukuba niphinde nibonane ukuze nihlanganyele ukwaziswa okuphathelene noMbuso.
◼“Abantu abaningi abacabangayo sebeqala ukubheka izinkolo zezwe njengeziyimbangela yezinkinga zabantu kunokuba zibe ikhambi. Wena ucabangani ngalokho?” Ngemva kokulalela umbono walowo muntu, mbonise okuthile okukomagazini bamuva okungase kuvuse isithakazelo sakhe ngokuphathelene nokwehluleka kwenkolo yamanga noma ukuwa kwayo okusondelayo. Mbuze ukuthi angathanda yini ukukufunda. Yazisanani amagama enu, bese usikisela ukuphinde umbone ukuze umchazele indlela inkolo yeqiniso engazange isidumaze ngayo isintu.
◼“Njengoba ukuphila komkhaya kunezinkinga eziningi kangaka namuhla, wake wazibuza ukuthi iyini imfihlo yokuthola injabulo yomkhaya?” Lindela impendulo, bese uchaza ukuthi eBhayibhelini, uNkulunkulu wembula imfihlo yangempela yenjabulo yomkhaya. Mhlawumbe ungase ufunde u-Isaya 48:17. Yibe usuvula isifundo 8 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, bese umkhombisa amanye amavesi eBhayibheli akhonjiwe anikeza isiqondiso esinokwethenjelwa selungu ngalinye lomkhaya. Funda uhlu lwemibuzo esekuqaleni kwalesi sifundo. Buza ukuthi angathanda yini ukufunda izimpendulo. Uma evuma, mhambisele incwajana ngomnikelo ka-R1,20. Sikisela ukubuya ngesinye isikhathi nizohlanganyela esinye isiqondiso esiseBhayibhelini sokuphila komkhaya okujabulisayo.
6 Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1997 sasikhuthaza ukuba siqunge isibindi ukuze senze izimpindelo. Satusa ukuba kusetshenziswe incwajana entsha ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ekuqaleni izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala, noma lapho ubuyela. Isidingo esikhulu kakhulu sesintu siwukufunda lokho okufunwa uNkulunkulu bese sikwenza. (Kol. 1:9, 10) Siyobazuzisa kakhulu abanye ngo-April nango-May uma singaqala ukubafundisa lokho esikwaziyo ngezimfuneko zikaJehova zokuphila.—1 Kor. 9:23.