Asebekhulile Bashumayela Ngokungayekethisi
1 Njengoba abantu bekhula, abaningi babo babheka phambili ekuthatheni umhlalaphansi emsebenzini wabo wokuziphilisa bese bejabulela ukuphila kokunethezeka eminyakeni yabo esele. Bangase babe nomuzwa wokuthi baye basebenza kanzima ngokwanele futhi manje kufanele baphumule. Noma kungenzeka ukuthi bamane nje bafuna ukujabulela ingxenye esele yokuphila kwabo.—Luka 12:19.
2 Njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, sinombono ohlukile ngokuphila. Siyazi ukuthi awukho umhlalaphansi enkonzweni kaNkulunkulu. Sinombono oqondile ngoba ‘sinombono wokuphila okuphakade.’ (Jude 21) Iminyaka yolwazi oluqongelelwe nokuhlangenwe nakho kungase kwandise ukuqonda nokuhlakanipha komuntu. Kungase kumenze ahlakaniphe ngokwengeziwe, alinganisele ngokwengeziwe futhi akwazise ngokujulile ukuphila. Zonke lezi zici ziyinzuzo ekubeni isikhonzi sezindaba ezinhle.
3 Ukuba mdala akuyona nje indaba yokukhula ngomzimba; kuhilela nesimo somuntu sengqondo. Uma ufisa ukuphila isikhathi eside futhi ulwela ukuhlala umusha engqondweni, ungase ukwazi ukukwenza kokubili. Abantu asebekhulile bangenza ukuphila kwabo kuthakazelise ngokwandisa ulwazi lwabo olungokomoya nangokuluhlanganyela nabanye.—1 Kor. 9:23.
4 Izibonelo Ezingokoqobo: Eseneminyaka engu-86, omunye udade wathi: “Uma ngicabanga ngeminyaka engu-60 esidlulile kusukela ngafunda iqiniso, isithembiso sikaNkulunkulu esiqinisayo sisalokhu senza inhliziyo yami ichichime. Yebo, uJehova oyokwethembeka kwabathembekileyo wenza sithole injabulo enkulu.” (IHu. 18:25) Omunye umzalwane osekhulile ukhumbula indlela ukufa komkakhe okwamshaqisa ngayo, okwathi ngemva kwakho impilo yakhe yawohloka. Uthi: “Kodwa, ngomusa ongafanelwe kaJehova, ngalulama ngokwanele ukuba ngikwazi ukungenela inkonzo yamaphayona eminyakeni emibili kamuva. Yeka indlela engimbonga ngayo uJehova ngokuthi lapho ngandisa umsebenzi wokushumayela nempilo yami yathuthuka!”
5 Yeka indlela okutuseka ngayo ukuthi abaningi babantu asebekhulile bazimisele ukuqhubeka beshumayela ngezinga elivunyelwa impilo namandla abo—ngokungayekethisi! Banesizathu esihle sokuthi: “Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube-manje.”—IHu. 71:17.