IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-January: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R12,00, noma Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R6,00. Ngo-February: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R12,00. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R4,00. Gxila ekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-April: Isikhokhelo sonyaka se-Nqabayokulinda esifika ngeposi esiphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-R48,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R24,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa amakhophi omagazini lapho isipho senqatshwa.
◼ Bonke abamemezeli ababhapathiziwe abazobe bekhona eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto lika-January 19 bazonikezwa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release ne-Identity Card yezingane zabo.
◼ Kusukela ngo-February, futhi engakadluli u-March 1, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda izoba nesihloko esithi “Ingabe Unombono Ofana NokaNkulunkulu Ngokuphila?”
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanele okugubha iSikhumbuzo salo nyaka ngoMgqibelo, ngo-April 11, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase isheshe iqale, ukuhanjiswa kwezifanekiselo zeSikhumbuzo akufanele kuqale kuze kube ngemva kokushona kwelanga. Buza emithonjeni yokwaziswa yendawo ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Nakuba kukuhle ukuba ibandla ngalinye ligubhe iSikhumbuzo salo lilodwa, kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu angasebenzisa enye indawo ngalobo busuku. ISikhumbuzo akufanele siqale ebusuku kangangokuba abantu abasanda kuthakazela bakuthole kunzima ukuba khona. Kanti akufanele izikhathi zemihlangano zisondelane eduze kangangokuba singabi bikho isikhathi sokubingelela izivakashi ngaphambi noma ngemva komkhosi, sokwenzela abathakazelayo amalungiselelo okuba banikezwe usizo oluqhubekayo olungokomoya, noma sokujabulela ukukhuthazana. Ngemva kokucabangela kahle zonke izici, abadala kufanele banqume ukuthi imaphi amalungiselelo azoba ngcono kakhulu ekusizeni labo abazobe bekhona eSikhumbuzweni ukuba bazuze ngokugcwele kulesi senzakalo.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yangesikhathi seSikhumbuzo ngo-1998 iyonikezwa ngeSonto, ngo-March 29. Uhlaka luzothunyelwa. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda, enomhlangano wesifunda, noma umhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-March 29, 1998.
◼ Kusukela ngesonto lika-May 4, 1998 kuze kube isonto lika-September 14, 1998, kuzofundwa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? eSifundweni Sencwadi Sebandla.
◼ SIZA UPHAWULE: Isihloko sonyaka sika-1998 sizoba ngu-R16,00 sisinye. Sizani nilungise uHlu lwenu Lwamanani ngokufanele.
◼ U-April 4, 1998 uzoba uSuku lwethu Lukamagazini olukhetheke kakhulu. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuhlanganyela emisebenzini eyenziwa ngoSuku Lukamagazini olukhethekile. Kungani ungaqali manje ukuhlela ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulonyaka? Amabandla kufanele afake ama-oda awo akhethekile kamagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.