Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/98 k. 2
  • IMihlangano Yenkonzo Ka-January

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yenkonzo Ka-January
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-January 5
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 1/98 k. 2

IMihlangano Yenkonzo Ka-January

Isonto Eliqala Ngo-January 5

INgoma 10

8 imiz:Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenza ebandleni.

17 imiz:“Kujabulele Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele.” Xoxa nezilaleli ngalesi sihloko. Qokomisa izinto ezidingekayo ukuze intshumayelo iphumelele: (1) Bingelela ngobungane, (2) phawula noma uphakamise umbuzo ngezindaba ezisematheni, (3) bhekisela emBhalweni ofanelekayo, bese (4) udonsela ukunakekela encwadini ehanjiswayo. Cela ummemezeli onekhono ukuba enze umboniso wentshumayelo esikiselwe yokuhambela kokuqala nempindelo.

20 imiz:Isifundo Somkhaya Esiletha Injabulo. Umbhangqwana oshadile uxoxa ngezidingo ezingokomoya zomkhaya wawo. Njengoba ukhathazwa amathonya ezwe onakalisa izingane zawo, ubona kunesidingo sokuba uqinise ingokomoya lezingane zawo kodwa uyavuma ukuthi isifundo somkhaya besilokhu singaqhutshwa njalo futhi ngokuvamile singazuzisi. Ubukeza ndawonye ukusikisela okunikezwe kuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 1997, amakhasi 26-9 okuphathelene nendlela yokuqhuba isifundo somkhaya esinenjongo. Bobabili bazimisele ukuqhubeka belondoloza inhlalakahle engokomoya yezingane zabo.

INgoma 142 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-January 12

INgoma 125

10 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

15 imiz:“Zisebenzise Ngokunenzuzo Izimemo.” Ingxoxo nezilaleli. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okukuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 1996, ikhasi 13, isigaba 15.

20 imiz:“UJehova Unikeza Amandla Angaphezu Kwavamile.” Imibuzo nezimpendulo. (Bheka i-w90-ZU 7/15 19, izigaba 15-16.) Hlela ukuba abathile balandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo okubonisa indlela uJehova aye wabaqinisa ngayo.

INgoma 81 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-January 19

INgoma 1

10 imiz:Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Bonga ibandla ngokusekela ngokwezimali.

15 imiz:Izidingo zebandla.

20 imiz:Kulungiselele Manje Ukusekela Umthetho KaNkulunkulu Ophathelene Negazi. Umdala ofanelekayo uxoxa ngokubaluleka kokugcwalisa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release. Isiqondiso esiphefumulelwe esikumaHubo 19:7 sibonisa ukuthi incwadi yezEnzo 15:28, 29 iveza umthetho kaNkulunkulu ophelele ngegazi. Abakhulekeli abathembekile baphishekela ukuwusekela lowo mthetho. Lamakhadi azisa ngokuzimisela kwakho ukwenza kanjalo futhi ayakukhulumela lapho ungakwazi ukuzikhulumela. (Qhathanisa nezAga 22:3.) Ikhadi elisha linikeza amazwi amuva nje okwenqaba kwakho ukufakwa igazi. Ngemva kwalomhlangano, oFakazi ababhapathiziwe abafisa ukuba namakhadi amasha bazonikezwa wona, nalabo abanezingane ezisencane ezingakabhapathizwa bazothola i-Identity Card yengane ngayinye. Lamakhadi akufanele agcwaliswe namuhla. Kufanele agcwaliswe ngokucophelela ekhaya kodwa ANGASAYINWA. Ukusayina kwakho nokukafakazi kanye nokubhala usuku kuwo wonke amakhadi kuzokwenziwa ngemva kweSifundo Sencwadi Sebandla esilandelayo, ngaphansi kokuqondisa komqhubi wesifundo sencwadi. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi bonke ababelwe eqenjini lakhe abafuna ukugcwalisa leli khadi lezokwelapha bathola usizo oludingekayo. Labo abasayina njengofakazi kufanele bambone ngempela umnini-khadi elisayina. Noma ubani ongekho ngaleso sikhathi futhi ofisa ukugcwalisa nokusayina ikhadi uyosizwa abaqhubi noma abadala eMhlanganweni Wenkonzo olandelayo kuze kube yilapho bonke abamemezeli ababhapathiziwe sebewagcwalise kahle amakhadi abo. (Bukeza incwadi enanibhalelwe yona ngo-October 15, 1991.) Abamemezeli abangabhapathiziwe bangazibhalela esabo isiqondiso abazosisebenzisa bona nezingane zabo ngokuvumelanisa amazwi akuleli khadi nesimo sabo kanye nezinkolelo zabo.

INgoma 146 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-January 26

INgoma 187

12 imiz:Izaziso zebandla. Bukeza isipho sencwadi sika-February. Yisho iphuzu elilodwa noma amabili asencwadini Umvuthwandaba WesAmbulo ayoba usizo ekuyihambiseni.

15 imiz:“Bonisa Inhlonipho Ngendawo KaJehova Yokukhulekela.” Imibuzo nezimpendulo. Kufanele isingathwe umdala, oyobonisa ngomusa indlela lokho okusebenza ngayo ebandleni.

18 imiz:Ukubika Ingxenye Yethu Emsebenzini Wokufakaza Womhlaba Wonke. (Isekelwe encwadini Ukuhlelelwa, amakhasi 100-2, 106-10) Inkulumo nengxoxo eqhutshwa unobhala. Ngemva kokunikeza isibonelo esingokomBhalo sokubika njalo umsebenzi wethu, ucela izinceku ezikhonzayo ezimbili ukuba zibukeze isihlokwana esithi “Isizathu Sokubika Inkonzo Yethu Yasensimini.” Unobhala ube esegcizelela ukubaluleka kokuyifaka ngokushesha imibiko enembile futhi ukhuthaza bonke ukuba ekupheleni kwenyanga bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-January. Uphawula izizathu ezenza kuzuzise ukuzibekela imigomo, abese ephetha ngamazwi akhuthazayo aphathelene nezibusiso ezitholwa yilabo abahlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokufakaza.

INgoma 189 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela