IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoluthambile. Ngo-October: Omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoluthambile. Ngo-December: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomnikelo ka-R9,00 uma uhambisa incwadi enoqwembe oluqinile, ngomnikelo ka-R7,75 uma uhambisa incwadi enoqwembe oluthambile.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho lokhu sekwenziwe.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1999 e-odeni lawo lezincwadi lango-September. Amakhalenda azotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Ayizinto ezi-odwa ngokulinganisela. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti kuyi-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali.
◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele iziyalezo ezanikezwa emakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991 ngokuphathelene nanoma ibaphi abaye basuswa ekuhlanganyeleni noma bazihlukanisa, okungenzeka babonisa isimo sokufuna ukubuyiselwa.
◼ SIZANI NIPHAWULE: Lapho nishayela iNhlangano ucingo, sicela nikhumbule lokhu okulandelayo: (1) Ngaphandle kwalapho izimo ziphuthuma, sicela niwashayele ngemva kwesikhathi somsebenzi amalungu omkhaya waseBethel ngezinto zomuntu siqu ngoba izingcingo zethu zisetshenziswa kakhulu phakathi nosuku. (2) Lapho ushaya ucingo ngokuphathelene nenkinga noma umbuzo, siza usho ngokucacile ukuthi ulushaya ukuphi ucingo nendaba othanda ukuxoxa ngayo. Asikutusi ukuba abadala bacele umzalwane othile, baze bamusho nangegama, ngoba kungenzeka ukuthi wabelwe komunye umnyango noma akatholakali ukuba asize. Ophendula ucingo uyokwazi ukukudlulisela emnyangweni ofanele. Siza uzame ukufushanisa inkulumo yakho ngangokunokwenzeka ukuze kongiwe isikhathi esibalulekile. (3) Uma kunenkinga yomuntu siqu ongathanda ukuxoxa ngayo, siza uxoxe ngayo nabadala bebandla ngaphambi kokuba ushayele iNhlangano. Basesimweni esingcono kakhulu sokukusiza ngemibuzo nangezinkinga onazo. Ngaphandle kwalapho kuphuthuma, sikhuthaza WONKE UMUNTU, kuhlanganise nabadala, ukuba babhale incwadi bachaze inkinga kunokushaya ucingo. Siyokujabulela ukuyisingatha ngokushesha leyo ndaba.—Bheka IBhokisi Lemibuzo elikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December 1992, ikhasi 5.