IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: Ngo-May kwanikezelwa amahholo amahlanu, iTableview (eKapa) neMakwane, iMakong, iTseseng neTseki (eQwa-Qwa). Amahholo amane aseQwa-Qwa anikezelwa ngosuku olulodwa futhi sebebonke ababekhona babengu-616.
IKomiti Yokwakha Yesifunda yaseWitwatersrand yathumela umshini wokwenza ama-block eQwa-Qwa futhi abazalwane bendawo benza ama-block angu-20 000 alawo mahholo ngamasonto amane kuphela. Ngo-April i-RBC (i-Regional Building Committee [iKomiti Yokwakha Yesifunda]) yaseWitwatersrand nezisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kuka-200 baya eQwa-Qwa, okuwuhambo lwamakhilomitha angaphezu kuka-700 ukuya nokubuya, beyokwakha lawo mahholo. Besebenzisa indlela entsha yokwakha ngokuxhumanisa ama-block omile, la mahholo amane aqedwa ngezinsuku eziyisithupha ngenxa yokusekela okuhle kwabazalwane bendawo. Izindonga zehholo lokugcina zakhiwa zafika ophahleni ngamahora amane kuphela!
NgoMgqibelo, ngo-May 30, 1998, abameleli beBethel namalungu eKomiti Yokwakha Yesifunda ayevela e-Angola, eMalawi, eMozambique, eNingizimu Afrika, eZambia, naseZimbabwe baba nomhlangano ophathelene namaHholo OMbuso abiza kancane. Baxoxa ngamasu amaningi awusizo ngenjongo yokusheshisa isimiso sokwakha ukuze amabandla engeziwe athole amahholo angakwazi ukuwakhokhela.
Kwanikezelwa amanye amahholo amathathu ngo-June, iGanyesa (eNyakatho Ntshonalanga), iValschfontein (eMpumalanga) neQueenstown. Lokhu kwenza inani lamaHholo OMbuso anikezelwe kulo nyaka libe ngu-27.