Bonke Kumelwe ‘Bamukele Izwi Ngenhliziyo Yonke’!
1 Abantu abayizigidi bafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ukuze bafanelekele ukuphila okumi phakade, kumelwe ‘bamukele izwi ngenhliziyo yonke,’ njengoba kwenza abangu-3000 abaphenduka futhi babhapathizwa ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. (IzE. 2:41) Imuphi umthwalo wemfanelo lokhu okuwubekayo emahlombe ethu?
2 Kufanele sisize abantu esifunda nabo iBhayibheli ukuba bazinikele kuJehova. (1 Thim. 4:7-10) Ukuze sifinyelele lokho, isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, isigaba 20, siyasikisela: “Njalo lapho nifunda, funa amathuba okwakha ukwazisa ngezimfanelo zikaJehova. Zwakalisa imizwa yakho siqu ejulile ngoNkulunkulu. Siza umfundi ukuba acabange ngokwakha ubuhlobo obufudumele, nobomuntu siqu noJehova.”
3 Inselele Esibhekene Nayo: Abantu abaningi, bethonywe inkolo yamanga, bayaneliswa indlela yokukhulekela ehilela isikhathi nomzamo okuncane, engadingi ukuba benze ushintsho endleleni abaphila ngayo. (2 Thim. 3:5) Inselele esibhekene nayo eyokusiza abantu esifunda nabo iBhayibheli ukuba babone ukuthi ukukhulekela kweqiniso kuhilela okungaphezu kokuba abezwi nje bezwi likaNkulunkulu. Kumelwe basebenzise abakufundayo ekuphileni kwabo. (Jak. 1:22-25) Uma kunokuthile ekuziphatheni kwabo okungamukeleki kuNkulunkulu, kufanele baqaphele isibopho abanaso ‘sokuguquka’ futhi benze okuhle ukuze bamthokozise. (IzE. 3:19) Ukuze bazuze ukuphila okuphakade, kumelwe ‘bazikhandle ngamandla’ futhi balimelele ngokuqinile iqiniso.—Luka 13:24, 25.
4 Lapho nixoxa ngezici ezihlukahlukene zokuziphatha, buza umuntu ofunda naye iBhayibheli ukuthi ukubheka kanjani ngempela lokhu nokuthi yini okufanele ayenze uma ebona isidingo sokwenza izinguquko ekuphileni kwakhe. Qondisa ukunakekela kwakhe enhlanganweni emfundisa iqiniso, bese umkhuthaza ukuba abe khona njalo emihlanganweni yebandla.—Heb. 10:25.
5 Masikwenze kube umgomo ukufinyelela inhliziyo yomfundi ngemfundiso yethu. Siyojabula njengoba sishukumisa abasanda kuhlanganyela ukuba bamukele izwi likaNkulunkulu ngenhliziyo yonke futhi babhapathizwe!—1 Thes. 2:13.