Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/99 kk. 2-7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 9/99 kk. 2-7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile. Ngo-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngomnikelo ka-R1,00 umunye. Ngo-November: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ngomnikelo ka-R1,20 noma ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile. Esinye isipho esingase sihanjiswe: ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-December: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade kanye ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomnikelo ka-R9,00 lapho nihambisa incwadi enoqwembe oluqinile, ngo-R7,75 lapho nihambisa enoqwembe oluthambile.

◼ Muva nje izihlubuki kanye nabantu abasusiwe abavela emazweni ahlukahlukene ase-Afrika bebelokhu beya kubafowethu beshaya sengathi bangoFakazi. Sicela ukuthi abadala bathole yonke imininingwane ngabantu abanjalo. Ngemva kwalokho kutuswa ukuba abadala bathumele i-fax noma bashayele iNhlangano ucingo ukuze ihlole leyo mininingwane. Ngale ndlela singakwazi ukuqhubeka sibonisa umoya wokungenisa izihambi kwabanye abakhulekeli abaqotho.

◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisani ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.

◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandelele iziyalezo ezinikezwa emakhasini 21-3 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, ngokuphathelene nanoma yibaphi abasusiwe noma abazihlukanisile okungenzeka bayafuna ukubuyiselwa.

◼ NgoMgqibelo, October 9, 1999, iKhaya LaseBethel nefektri kuyobe kuvaliwe ukuze kuhlanzwe. Ngeke abe khona amalungiselelo okubuka indawo noma okuba amabandla azolanda izincwadi ngalolo suku.

◼ Amabandla amaningi manje asekhokha intela yezindleko zasebhange kuma-akhawunti awo esheke. Umbonisi owengamele angase abhalele iNhlangano acele ukusikisela kokuthi zingancishiswa kanjani izintela zasebhange. Incwadi yenu niyibhale ukuthi “Attention: Accounting Office.”

◼ Sikhumbuza WONKE AMABANDLA ukuba afake i-oda lamakhadi e-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card ngokushesha ngangokunokwenzeka efomini le-Literature Order (S-AB-14). Amabandla angenawo ama-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Amakhadi e-medical directive angamasenti angu-12 lilinye kanti ama-Identity Card angamasenti ayishumi lilinye. Sicela ukuba uma kungenzeka niwa-ode ngamaqoqo angu-20. Ningawakhiphi la makhadi, kodwa niwagcine kuze kube yilapho nithola ezinye iziyalezo eNhlanganweni.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2000 e-odeni lawo lezincwadi lango-September. Amakhalenda azotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Ayizinto ezi-odwa ngokulinganisela. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti kuyi-akhawunti yawo kufanele athumele i-oda lawo nokheshe.

◼ SICELA NIPHAWULE: Kusukela manje inani lencwajana ethi Apply Yourself to Reading and Writing lizokhuphuka. Umnikelo wayo manje ungu-R5,00 ibandla, kanti ungu-R3,75 amaphayona.

◼ SICELA NIPHAWULE: Kunoshintsho emihlanganweni yesigodi elandelayo:

December 17-19:

EGoli (isiPutukezi; umhlangano omusha)

December 24-26:

EBloemfontein (usuku olusha)

◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:

Marked for Survival (Idrama, ikhasethi elilodwa; ibandla: R10,50; amaphayona: R9,50)—ngesiNgisi

◼ Kusukela ngo-September 1, 1999, INqabayokulinda izotholakala ngesiKazakh kanye ngenyanga.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela