IMihlangano Yenkonzo Ka-September
Isonto Eliqala Ngo-September 6
INgoma 190
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
17 imiz: “Ingabe Usebenza Unenjongo?” Isethulo singaweqi umzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Hlanganisa namaphuzu asencwadini ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 88-9. Bakhuthaze bonke ukuba baye njalo enkonzweni futhi bangashwampuluzi.
18 imiz: “Bazali—Bekelani Izingane Zenu Isibonelo Esihle.” Isethulo esifushane ngomdala, kulandele ingxoxo yabazalwane ababili abangabazali ngalesi sihloko. Bazwakalisa ukukhathazeka ngokulondeka kwezingane zabo emathonyeni amabi ezichayeka kuwo esikoleni, kuthelevishini, ezihlotsheni nakwabanye abangebona oFakazi. Laba bazalwane bakhuluma ngokungahloniphi okukhona, ukukhuluma nokuzilungisa kwezwe kanye nokuzijabulisa okungakhi. Ngemva kokukhuluma ngesidingo sokubeka isibonelo esihle, baxoxa ngezindlela zokwakha intshiseko enkudlwana yesifundo somkhaya, imihlangano yebandla nenkonzo yasensimini.—Bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1999, amakhasi 8-22 ne-Phaphama! ka-September 22, 1991, amakhasi 8-9.
INgoma 101 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 13
INgoma 171
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: Sisebenze Kanjani Ngonyaka Odlule? Inkulumo enikezwa umbonisi wenkonzo. Bukeza amanani avelele ombiko webandla wonyaka wenkonzo ka-1999. Tusa izinto ezinhle eziye zafezwa. Yisho izindawo ezidinga ukuthuthukiswa. Bonisa ukuthi ibandla liye lasebenza kanjani endabeni yokuba khona emihlanganweni nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli. Chaza imigomo eyinzuzo yonyaka ozayo. Bakhuthaze bonke ukuba babike zinyanga zonke phakathi nonyaka wenkonzo omusha ozayo futhi babambisane nonobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi njengoba bebasiza bonke ukuba babike njalo.
20 imiz: “Yini Ongayisho KumHindu?” Imibuzo nezimpendulo. Gcizelela isidingo sokuthola iphuzu enivumelana ngalo nomuntu, bese ubonisa ukuthi yini esingase sivumelane ngayo nomHindu. Bonisa indlela izintshumayelo ezisikiselwe ezingase zishintshwe ngayo ukuze zivumelane nomuntu wanoma iyiphi inkolo. Makube nomboniso olungiselelwe kahle wokunikeza ubufakazi kumHindu. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngobuHindu, bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1998; incwadi Ukubonisana, ikhasi 21; nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, isahluko 5. Uma engekho amaHindu ensimini yenu, makube nomboniso obonisa ukuthi izifundo zeBhayibheli zingaqalwa kanjani ngencwadi Ulwazi.
INgoma 140 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 20
INgoma 193
12 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza amalungiselelo ebandla ensimu engabelwe ango-September no-October. Landisa okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo okuye kwajatshulelwa kuze kube manje ensimini engabelwe. Yisho amalungiselelo enkonzo yasensimini ango-September 24.
15 imiz: Izidingo zebandla.
18 imiz: Yisebenzise Ngokunenzuzo Incwadi Ethi Creator. Inkulumo nemiboniso. INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1999 yachaza ukuthi singahambisa incwadi ethi Creator noma nini lapho sihlangana nabantu (1) abangakholelwa kuNkulunkulu noma (2) abakholelwayo kuNkulunkulu kodwa abangaqondi ngempela ukuthi ungubani noma ukuthi ziyini izimfanelo nezinjongo zakhe. Imibuzo eyenza umuntu acabange kanye nokukhulumela okusekhasini elingemuva kungasetshenziselwa ukuvusa isithakazelo sokuba umuntu ayifunde le ncwadi. Noma ikhasi 152 lingase lisetshenziswe ngokunenzuzo. Ummemezeli angase abuze: “Singasitholaphi iseluleko esingcono kakhulu sokuthi singazixazulula kanjani izinkinga zethu ezikhungathekisayo?” Angambonisa lowo muntu indlela iziphathimandla eziye zayitusa ngayo iNtshumayelo kaJesu yaseNtabeni, amcele ukuba akhethe elinye lamaphuzu ayisikhombisa aqokonyisiwe elimthakazelisa kakhulu, abese efunda amavesi ambalwa akhonjiwe. Makube nomboniso wazo zombili lezi zindlela ezisikiselwe zokuhambisa incwadi ethi Creator. Bakhuthaze bonke ukuba bayiphathe le ncwadi enkonzweni yasensimini, balungele ukuyihambisa noma nini uma kufanelekile.
INgoma 175 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 27
INgoma 141
15 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-September. Bakhuthaze bonke ukuba benze amalungiselelo okuhlanganyela ngokugcwele ekusakazeni omagazini ngo-October. Bukeza okunye kokusikisela okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996, ikhasi 12, ngendlela yokulungiselela izintshumayelo. Usebenzisa omagazini bamuva, yisho amaphuzu amahle angakhulunyelwa bese kuba nomboniso omfushane owodwa noma emibili ngezintshumayelo.
15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa umdala.
15 imiz: “Ukukhulekela Kweqiniso Kuyanda EMpumalanga Yurophu.” Umdala uqhuba ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Yisho okuhlangenwe nakho noma ubufakazi obubonisa ukwanda emazweni ashiwo, njengoba kubikwe emakhophini amuva e-Ncwadini Yonyaka.
INgoma 87 nomthandazo wokuphetha.