Ingabe Uyakwazisa Ukubekezela KukaJehova?
1 Ngabe walifunda yini iqiniso ukube ukubekezela kukaJehova kwaphela eminyakeni engu-10, 20 nangaphezulu edlule, angavumeli ukuba kunikezwe ubufakazi obengeziwe? Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uye wavumela abantu abaningi ukuba “bafinyelele ekuphendukeni.” Noma kunjalo, usuku lukaJehova olukhulu lokwahlulela “luyofika njengesela.” (2 Pet. 3:9, 10) Ngakho, ukubekezela kukaNkulunkulu akufanele kubhekwe njengokwephuza ukuletha ukuphela kwalesi simiso sezinto.—Hab. 2:3.
2 Bahawukele Abantu: Ukubekezela kukaJehova kungalé kokuqonda kwethu. Akufanele silahlekelwe injongo yako. (Jona 4:1-4, 11) UJehova ubona isimo esidabukisayo sesintu futhi unozwela ngaso. UJesu uzizwa ngendlela efanayo. Ehawukela izixuku ayeshumayela kuzo, wayefuna ukuba umsebenzi wobuvangeli wande ukuze abengeziwe bathole ithuba lokuzuza ukuphila okumi phakade.—Math. 9:35-38.
3 Lapho kugadla izenzakalo ezibuhlungu nezinhlekelele, ingabe asibadabukeli abantu abangalazi iqiniso? Abantu namuhla ‘banjengezimvu ezingenamelusi’ njengoba bezama ukubhekana nezinkinga ezisemhlabeni. (Marku 6:34) Ngokushumayela izindaba ezinhle ngentshiseko, siduduza labo abanezinhliziyo ezithambekele kokulungileyo futhi sibonisa ukwazisa kwethu ngokubekezela kukaJehova.—IzE. 13:48.
4 Umsebenzi Wethu Uyaphuthuma: Ngonyaka odlule kwabhapathizwa abangu-323 439 kwaba nabangaphezu kuka-14 000 000 eSikhumbuzweni. Yeka ukuthi kunamathemba angakanani okuba kube nabaningi abasindayo ekubhujisweni kwalesi simiso esonakele! Ukuthi “isixuku esikhulu” siyoba sikhulu kangakanani, asazi. (IsAm. 7:9) Ukuthi umsebenzi wethu wokushumayela uyoqhubeka isikhathi eside kangakanani, asazi. Kodwa uJehova uyazi. Izindaba ezinhle ziyoshunyayelwa kuze kube yilapho esanelisekile, “khona-ke ukuphela kuyofika.”—Math. 24:14.
5 Isikhathi esisele sinciphile, futhi usuku lukaNkulunkulu luseduze. (1 Kor. 7:29a; Heb. 10:37) Ngokungangabazeki, “insindiso yethu isiseduze kakhulu kunangesikhathi siba amakholwa.” (Roma 13:11) Masingalahlekelwa injongo yokubekezela kukaNkulunkulu. Kunalokho, masishumayele ngokuphuthuma ukuze abantu abengeziwe abalangazelela ukulunga bathole umusa kaJehova omkhulu.