Siza Abanye Ukuba Babe Khona Emihlanganweni
1 “Noma ibaphi abangane abahlala eduze . . . abafisa ukuba khona emihlanganweni bamenywa ngokufudumele.” Kusukela lesi simemezelo sakhishwa kumagazini i-Zion’s Watch Tower ka-November 1880, oFakazi BakaJehova bebelokhu bemagange bemema abantu ukuba bahlangane ndawonye ukuze bathole imfundo yeBhayibheli. (IsAm. 22:17) Lena ingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso.
2 Kubalulekile Ukuba Khona: Sithola izibusiso uma sihlanganyela nebandla. Sijwayelana kangcono noNkulunkulu wethu omangalisayo, uJehova. Ebandleni, sihlangana ndawonye ukuze ‘sizofundiswa uJehova.’ (Isaya 54:13) Inhlangano yakhe inesimiso esiqhubekayo semfundo yeBhayibheli esisondeza kuye futhi esinika usizo olufanele ekwenzeni “yonke injongo kaNkulunkulu.” (IzE. 20:27; Luka 12:42) Imihlangano iqeqesha umuntu ngamunye ekhonweni lokufundisa iZwi likaNkulunkulu. Izikhumbuzo ezivela emiBhalweni zisisiza ukuba sijabulele ubudlelwano obuphumelelayo nabanye noJehova ngokwakhe. Ukuhlangana nalabo abathanda uNkulunkulu kuqinisa ukholo lwethu.—Roma 1:11, 12.
3 Mmeme Ngokuqondile: Kusukela esifundweni sokuqala, memela umfundi weBhayibheli emihlanganweni. Mnikeze isimemo esinyathelisiwe. Shukumisa isithakazelo sakhe ngokumxoxela iphuzu elithile elikukhuthazile emhlanganweni odlule nangokucabangela okuthile okuzoxoxwa ngakho emhlanganweni olandelayo. Chaza ukuthi iHholo LoMbuso linjani, uqiniseke nangokuthi lo mfundi uyazi ukuthi angalithola kanjani.
4 Uma umfundi engezi zisuka nje, qhubeka ummema. Sebenzisa imizuzu embalwa isonto ngalinye umbonisa ukuthi isebenza kanjani inhlangano yethu. Sebenzisa incwajana ethi OFakazi Benza Intando KaNkulunkulu ne-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name ukuze ajwayelane nathi nemihlangano yethu. Hamba nabanye abamemezeli ukuze umfundi abajwayele. Lapho uthandaza, bonga uJehova ngenhlangano futhi uveze isidingo sokuba umfundi azihlanganise nayo.
5 Unganqikazi ukusiza abasanda kuthakazela ukuba bahlangane nathi. Njengoba ukwazisa kwabo ngoJehova kukhula, bayoshukumiseleka ukuba bakusebenzise lokho abakufundayo futhi babe yingxenye yenhlangano kaNkulunkulu enobunye.—1 Kor. 14:25.