IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-February: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuzokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-April no-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Hambisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, unombono wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-March 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, makwaziswe ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.
◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele bahlole umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona anobunzima bokufinyelela amahora adingekile, abadala kufanele bahlele ukuba asizwe. Ukuze nithole ukusikisela, bukezani incwadi ephuma minyaka yonke i-S-201. Bhekani futhi izigaba 12-20 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.
◼ Unobhala kufanele aqikelele ukuthi iKomiti Yokwakha Yesifunda inokwaziswa kwamuva ngokuma kwabo bonke abamemezeli ababhapathiziwe abaye bafaka amafomu i-Kingdom Hall Volunteer Worker Questionnaire (S-82). Lapho kukhona ushintsho esimweni sesisebenzi sokuzithandela, njengalapho umuntu ethutha noma emiswa njengenceku ekhonzayo noma umdala, kufanele kugcwaliswe amafomu amasha ngokushesha abese ethunyelwa. Uma ikheli lokuthumela noma inombolo yocingo yesisebenzi sokuzithandela kushintsha, noma singasenakho ukuma okuhle ebandleni, abadala kufanele babhale incwadi ngokushesha bazise iKomiti Yokwakha Yesifunda.
◼ Qaphelani amacebo okukhohlisa abelokhu ejikeleza kuyi-Internet naseposini ukuze kucelwe izimali kubafowethu ngesigubuzelo sokuthi kusizwa izisulu zezinhlekelele. Lapho izimo zidinga ukuba kwakhiwe ikomiti yosizo oluphuthumayo ukuze kusizwe oFakazi BakaJehova ngezinto ezibonakalayo, abafowethu abanomthwalo wemfanelo bayokwaziswa. Iminikelo yezidingo ezinjalo kufanele ithunyelwe kuleli kheli: Jehovah’s Witnesses, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo ka-2002 iyonikezwa ngeSonto ngo-April 14. Isihloko sale nkulumo siyothi “Lukhumbule Njalo ‘Usuku LukaJehova Olwesabekayo’!” Uhlaka luyothunyelwa. Lawo mabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda noma ayobe enomhlangano wesifunda noma okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 14, 2002.
◼ Kusukela manje ilungiselelo lesikhokhelo se-club system lizokhawuka, kodwa sizozinakekela izikhokhelo ebezingakanqamuki kuze kube yilapho zinqamuka. Izikhokhelo zeposi zisatholakala, kodwa kuphela kubantu abahlala ezindaweni ezingafinyeleleki kalula abangaxhumene nebandla.
◼ Kusukela kumagazini ka-April 1, 2002, INqabayokulinda—Ebhalwe Ngokugqamile izotholakala ngesiZulu njengomagazini ophuma kabili ngenyanga. Amabandla kufanele athumele ama-oda awo ngefomu i-Congregation Magazine Request (M-202).
U-March 2, 2002, uyoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuhlanganyela emsebenzini woSuku Lukamagazini olukhethekile. Sinikhuthaza nonke ukuba niqale manje ukuhlela ukuze nihlanganyele ngokugcwele kulo nyaka. Amabandla kufanele athumele izicelo ezikhethekile zomagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.