Ingxenye 6: Lapho Umfundi Ebuza Umbuzo
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Lapho isifundo seBhayibheli sesiqhutshwa njalo, ngokuvamile kungcono kakhulu ukuba nicabangele izimfundiso zeBhayibheli ngendlela ehlelekile kunokuba nigcogcome nisuka kwesinye isihloko niya kwesinye. Lokhu kusiza umfundi ukuba akhe isisekelo solwazi olunembile nokuba athuthuke ngokomoya. (Kol. 1:9, 10) Nokho, ngokuvamile kuyaye kuthi njengoba uqhuba isifundo, umfundi abuze imibuzo ngezihloko ezihlukahlukene. Kufanele uyisingathe kanjani le mibuzo?
2 Bonisa Ukuqonda: Ngokuvamile, imibuzo ehlobene nesihloko enisifundayo ingaphendulwa ngaso leso sikhathi. Kanti uma lowo mbuzo uyophendulwa kamuva kuyo leyo ncwadi, ungamane nje umtshele lokho umfundi. Kodwa, uma umbuzo ungahlobene nesifundo noma kuzodingeka ukuba ucwaninge ukuze uphendule ngendlela enembile, kungakuhle ukuba uwuphendule ngemva kwesifundo noma ngesinye isikhathi. Abanye bathola ukuthi ukuwubhala phansi umbuzo kwenza umfundi aqiniseke ukuthi awuwuthathi kalula umbuzo wakhe kanti futhi kuyanisiza ningachezuki esifundweni.
3 Ezincwadini zethu eziyinhloko zokuqhuba izifundo kuyaye kuxoxwe kafushane ngezimfundiso eziningi zeBhayibheli. Kufanele wenzenjani-ke uma umfundi ekuthola kunzima ukwamukela imfundiso ethile noma ebambelele ngokuqinile enkolelweni engamanga? Kungaba usizo ukufunda ezinye izincwadi ezixoxa ngokuningiliziwe ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngaleyo ndaba. Uma umfundi engakagculiseki, yishiyele isikhathi esizayo leyo ndaba uqhubeke nesifundo senu esivamile. (Joh. 16:12) Njengoba eya ezuza ulwazi lweBhayibheli futhi ethuthuka ngokomoya, angase agcine eseyiqonda leyo mfundiso yeBhayibheli.
4 Bonisa Ukuthobeka: Uma ungaqiniseki ngempendulo yombuzo, melana nesilingo sokunikeza umbono wakho. (2 Thim. 2:15; 1 Pet. 4:11) Chaza ukuthi uzoyicwaninga le ndaba bese ubuya nempendulo. Ungase ubambe lona lelo thuba ufundise umfundi indlela yokucwaninga. Mbonise kancane kancane indlela yokusebenzisa amathuluzi ahlukahlukene okucwaninga alungiselelwe yinhlangano kaJehova. Ngale ndlela uyogcina esekwazi ukuzitholela izimpendulo zemibuzo yakhe.—IzE. 17:11.