Kuzogxilwa Kakhudlwana EBhayibhelini!
1. Ekuqaleni, INqabayokulinda yayenzelwe obani ngokuyinhloko, kanti i-Golden Age yona yayenzelwe obani?
1 Ngo-October 1, 1919, kwanyatheliswa umagazini wokuqala i-Golden Age. Waba ithuluzi eliwusizo kakhulu emsebenzini wokushumayela. Ngani? Ngoba wawenzelwe umphakathi ngokukhethekile. Kwakungenjalo nge-Nqabayokulinda, eyayisineminyaka eminingi ibhekwa njengomagazini ‘womhlambi omncane’ ngokuyinhloko. (Luka 12:32) Abamemezeli boMbuso báwamukela ngesasasa elikhulu lo magazini omusha kangangokuthi kwaphela iminyaka eminingi i-Golden Age isakazwa kakhulu impela kune-Nqabayokulinda.
2. I-Golden Age siyibiza ngaliphi igama namuhla, futhi beyilokhu iyini injongo yayo kusukela yaqala ukunyatheliswa?
2 Umagazini i-Golden Age wanyatheliswa ngenjongo yokubonisa abantu ukuthi ikhambi langempela lezinkinga zesintu ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, okuyolethela isintu inkathi enhle ngempela. Emashumini eminyaka alandela kwalungiswa izici eziningana kuyi-Golden Age ukuze kuhlangatshezwane nezidingo ezishintshayo zangalezo zikhathi. Ngo-1937 yashintshwa igama, yaba i-Consolation. Ngo-1946 yaba i-Phaphama!, igama esiyibiza ngalo namuhla.
3. I-Phaphama! ibe ithuluzi elinamandla ekugcwalisekeni kwasiphi isiprofetho?
3 Kusukela uqala ukunyatheliswa, lo magazini uye waba negalelo elikhulu ebufakazini obubalulekile obuye banikezwa kusukela ngo-1919. (Math. 24:14) Nokho, ngenxa yokuphuthuma kwezikhathi zethu, kubonakala kuwukuhlakanipha ukulungisa ezinye futhi izici ze-Phaphama!
4. (a) Umuntu kudingeka enzeni ukuze asitshekelwe “ngosuku lwentukuthelo kaJehova”? (b) NgokwesAmbulo 14:6, 7, ‘ingelosi endiza emkhathini’ ithi mabenzeni bonke abantu?
4 Izigidi zabantu ziyakujabulela ukufunda i-Phaphama! ngoba ixoxa kamnandi ngezindaba zezwe eziningi ezihlukahlukene. Akungabazeki ukuthi iningi lalabo ababa khona minyaka yonke eSikhumbuzweni liyifunda njalo i-Phaphama! Nokho, uma umuntu enethemba lokusitshekelwa “ngosuku lwentukuthelo kaJehova,” kudingeka enze okungaphezu kokufunda izincwadi zethu njalo.—Zef. 2:3; IsAm. 14:6, 7.
5. (a) Kusukela kuyi-Phaphama! ka-January 2006, yini ezoqokonyiswa ngokwengeziwe? (b) Abaningi bangase bashukumiseleke ukuba benzeni, okuyogcwalisa siphi isiprofetho?
5 Ngakho, kusukela ngo-January 2006, i-Phaphama! izogxila kakhudlwana eMbusweni kaNkulunkulu. Izobakhuthaza ngokuqondile abafundi bayo ukuba babheke eBhayibhelini ukuze bathole amakhambi ezinkinga zabo, futhi izoqokomisa ngokwengeziwe incazelo yeBhayibheli yezenzakalo zamuva. Ngale ndlela, abafundi bayo bazoziqonda kangcono izenzakalo zamuva futhi mhlawumbe lokho abakufundayo kubashukumisele ukuba bazi kakhudlwana ngoJehova.—Zak. 8:23.
6, 7. (a) I-Phaphama! izozama kanjani ukusiza abaningi benze lokho okushiwo eyoku-1 Thesalonika 2:13? (b) I-Phaphama! izophuma kangaki, futhi zingaki izilimi ezizothintwa yilolu shintsho?
6 I-Phaphama! izoqhubeka inezihloko zezindaba zezwe. Kodwa kuzogxilwa kakhudlwana eBhayibhelini. (1 Thes. 2:13) Njengoba INqabayokulinda inokwaziswa okujulile okusekelwe eBhayibhelini kanti ne-Phaphama! izoba nokwaziswa okwengeziwe okungokomBhalo, kubonakala kungadingeki ukuba i-Phaphama! iqhubeke inyatheliswa kabili ngenyanga ngisho nangesiNgisi. Ngakho-ke, kusukela kweka-January 2006, i-Phaphama! yesiNgisi izophuma kanye ngenyanga. Lokhu kuzokwenza izinto zibe lula ngokuqondene nokubhalwa, ukuhunyushwa, nokuthunyelwa kwezincwadi zethu.
7 Lolu shintsho luzothinta amaphesenti angaba ngu-40 ezilimi okunyatheliswa ngazo i-Phaphama! Iningi lezilimi kakade line-Phaphama! ephuma kanye ngenyanga noma kanye ngezinyanga ezintathu. Ngeke kube nalushintsho ekunyathelisweni kwe-Nqabayokulinda.
8. I-Phaphama! ingasetshenziswa kanjani kanye ne-Nqabayokulinda?
8 I-Phaphama! yenyanga ngayinye ingase ihanjiswe ne-Nqabayokulinda eyodwa kwezimbili zenyanga. Labo abahambisa i-Phaphama! yesiNgisi bazokwazi ukukhulumela umagazini owodwa inyanga yonke, kungadingeki bashintshe intshumayelo yabo phakathi nenyanga njengoba kunjalo manje.
9. I-Phaphama! izoqhubeka ifeza yiphi indima?
9 Kusukela kowokuqala ngo-1919, umagazini owawubizwa ngokuthi i-Golden Age, kamuva waba i-Consolation, futhi manje osuyi-Phaphama!, uye wafeza indima enkulu emsebenzini wokushumayela. Sithandazela ukuba uJehova aqhubeke ekubusisa ukusakazwa kwalo magazini lapho usuhlelwe kabusha nokuba usize abantu abaningi ngokwengeziwe abaphuma “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi” ukuba babheke eMbusweni kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba labo.—IsAm. 7:9.