Kubafundi Balo Magazini
KUSUKELA kulo magazini, i-Phaphama! izohlelwa ngendlela ehlukile. Nakuba izinto ezithile zizoshintsha, okuningi kuzoqhubeka kunjalo.
I-Phaphama! isenemigomo eyayinayo emashumini amaningi eminyaka. Njengoba kuchaziwe ekhasini 4, “lo magazini unyatheliswa ngenjongo yokukhanyisela wonke umkhaya.” Ngokuhlola izenzakalo zomhlaba, ukunikeza ukwaziswa ngabantu bezinhlanga ezihlukahlukene, ukuchaza indalo emangalisayo, ukuxoxa ngempilo, noma ngokuchaza isayensi kubantu abangazi lutho ngayo, i-Phaphama! izoqhubeka inikeza abafundi bayo ukwaziswa, ibagcine bazi ngezinto ezenzeka kuwo wonke umhlaba osizungezile.
Kuyi-Phaphama! yesiNgisi ka-August 22, 1946, kwakunalesi sithembiso: “Umgomo oyinhloko walo magazini uzoba ukunamathela eqinisweni.” Njengoba nje yathembisa, i-Phaphama! iye yazama ukunyathelisa ukwaziswa okuyiqiniso ngaso sonke isikhathi. Ukuze kufezwe lokhu, izihloko zicwaningwa ngokucophelela bese zihlolisiswa ukuze kuqinisekwe ukuthi zinembile. Kodwa lo magazini uye ‘wanamathela eqinisweni’ ngisho nangenye indlela ebalulekile.
I-Phaphama! iye yabakhuthaza njalo abafundi bayo ukuba bafunde iBhayibheli. Nokho, kusukela kulo magazini, i-Phaphama! izoba nezihloko ezisekelwe eBhayibhelini eziningi kakhulu kunangesikhathi esidlule. (Johane 17:17) Izoqhubeka futhi inyathelisa izihloko ezibonisa indlela izeluleko zeBhayibheli ezisebenzayo ezingasisiza ngayo ukuba siphile ukuphila okunenjongo nokuphumelelayo namuhla. Ngokwesibonelo, uchungechunge lwesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . ” nesithi “Umbono WeBhayibheli” luqukethe iziqondiso eziningi ezisekelwe eBhayibhelini, futhi luzoqhubeka lukhishwa njalo kulo magazini. Ngaphezu kwalokho, i-Phaphama! izoqhubeka isiza abafundi ukuba baqaphele isithembiso seBhayibheli sezwe elisha elinokuthula, maduze nje elizothatha isikhundla salesi simiso samanje sezinto esingenamthetho.—IsAmbulo 21:3, 4.
Yikuphi okunye okuzoshintsha? Kusukela kulo magazini, i-Phaphama! izonyatheliswa kanye ngenyanga ngezilimi eziningi kwezingu-82 ebilokhu inyatheliswa ngazo (ngaphambili ibinyatheliswa kabili ngenyanga ngezilimi eziningi).a Isihloko esithi “Ukubuka Okwezwe,” ebesilokhu sikhishwa njalo kusukela ngo-1946 kumagazini wesiNgisi, sisazokhishwa njalo kulo magazini kodwa kuzoncishiswa amakhasi kusuka kwamabili kuya kwelilodwa. Kanti, ekhasini 31, sizonethulela nesihloko esisha esithakazelisayo esizokhishwa njalo, esithi “Ungaphendula Kanjani?” Sizoqukathani sona, futhi ungasisebenzisa kanjani?
Ake uthathe umzuzwana ubuke ikhasi 31 lalo magazini. Ezinye izingxenye zaleli khasi zizokhanga abafundi abasebasha; ezinye zizovivinya inkumbulo yabafundi beBhayibheli asebemnkantsh’ ubomvu. Ingxenye ethi “Kwenzeka Nini?” izokusiza ukuba uzakhele ishadi lokulandelana kwezenzakalo, elibonisa izikhathi ababephila ngazo abalingiswa abathile baseBhayibhelini nezikhathi okwenzeka ngazo izenzakalo ezithile ezibalulekile. Nakuba izimpendulo zengxenye ethi “Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini” zizotholakala kuwo wonke lo magazini, izimpendulo zeminye imibuzo eminingi zizokhishwa ekhasini elithile elizoshiwo kumagazini ofanayo, lapho zizonyatheliswa khona zibhekiswe phansi. Kunganjani uqale ngokwenza ucwaningo ngaphambi kokuba ufunde lezo zimpendulo bese uxoxa nabanye ngalokho okufundile? Ungasisebenzisa futhi lesi sihloko esisha, esithi “Ungaphendula Kanjani?” njengesisekelo sezingxoxo zomkhaya noma lapho nixoxa ngeBhayibheli njengeqembu.
Eminyakeni engaba ngu-60 edlule, i-Phaphama! yenza lesi sithembiso: “Lo magazini uzozama ukunyathelisa ukwaziswa okuvela emhlabeni kabanzi kunokugxila ezweni elilodwa kuphela. Uzokhanga kubo bonke abantu abaqotho abavela kuwo wonke amazwe. . . . Izihloko ezikulo magazini . . . zizoba nokwaziswa okuwusizo, okufundisayo, futhi okuthakazelisayo kubantu abaningi, abasha nabadala ngokufanayo.” Abafundi kuwo wonke umhlaba bavumelana ngazwi linye ngokuthi i-Phaphama! iye yasigcina leso sithembiso. Siyakuqinisekisa ukuthi izoqhubeka yenza kanjalo.
Abanyathelisi
[Umbhalo waphansi]
a I-Phaphama! inyatheliswa kanye ngemva kwezinyanga ezintathu ngezinye izilimi ngakho ezinye zezihloko okukhulunywa ngazo kulesi sihloko zingase zingabi khona kulab’ omagazini abanyatheliswa ngemva kwezinyanga ezintathu.
[Izithombe ekhasini 3]
Ngo-1919 lo magazini wawubizwa ngokuthi yi-“Golden Age,” ngo-1937 lelo gama lashintshwa wabe usubizwa ngokuthi yi-“Consolation,” futhi ngo-1946 wabizwa ngokuthi yi-“Phaphama!”
[Izithombe ekhasini 4]
Sekuyisikhathi eside i-“Phaphama!” ikhuthaza abafundi bayo ukuba bafunde iBhayibheli
[Imithombo]
Guns: U.S. National Archives photo; starving child: WHO photo by W. Cutting