Lingisa UMfundisi Omkhulu Lapho Usebenzisa Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
1. UJesu wayefundisa kanjani?
1 UMfundisi Omkhulu, uJesu, wayechaza izinto ngendlela elula necacile njalo. Ukuze ashukumise izingqondo zezilaleli zakhe, ngezinye izikhathi wayeqale azibuze imibuzo ukuze athole umbono wazo. (Math. 17:24-27) Wayeqokomisa iZwi likaNkulunkulu. (Math. 26:31; Marku 7:6) Wayeqikelela ukuba angabakhungathekisi abafundi bakhe ngokubatshela izinto eziningi kakhulu, azi ukuthi babezoqhubeka befunda. (Joh. 16:12) Futhi uJesu wayenesithakazelo sokwazi ukuthi bayakukholelwa nokuthi bayakuqonda yini ayebafundisa kona. (Math. 13:51) Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ihlelelwe ukuba isisize sifundise ngendlela efanayo.
2. Singayisebenzisa ngaziphi izindlela imibuzo eyisethulo sesahluko ngasinye?
2 Imibuzo Eyisethulo: Lapho uqala isahluko ngasinye, kuhle ukuqokomisa imibuzo eyisethulo engaphansi kwesihloko. Buza imibuzo engadingi mpendulo ukuze uvuse isithakazelo somfundi. Noma ungase umcele ukuba athi qaphuqaphu aphendule leyo mibuzo. Asikho isidingo sokuxoxa ngokuningiliziwe ngezimpendulo zakhe noma ukulungisa zonke izimpendulo zakhe ezinganembile. Ungamane nje umbonge ngezimpendulo zakhe bese niqala ukufunda incwadi. Indlela aphendula ngayo le mibuzo eyisethulo iyokusiza ukuba ubone izingxenye okumelwe ugxile kuzo kuleso sifundo.
3. Singasigcina kanjani isifundo silula?
3 ImiBhalo: Isifundo kufanele sigxile emiBhalweni. (Heb. 4:12) Kodwa akudingekile ukuba kufundwe yonke imibhalo ekhonjiwe. Gcizelela leyo ebonisa isisekelo sezinkolelo zethu. Singase singabi khona isidingo sokufunda imiBhalo enikeza umongo wendaba efundwayo. Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ifundisa iqiniso ngendlela elula. Gcina isifundo silula. Gxila emaphuzwini abalulekile, futhi ugweme umkhuba wokukhuluma kakhulu ngemininingwane ethile noma unezele amanye amaphuzu angadingekile kule ngxoxo.
4. Yini enqumayo ukuthi kufanele yini sizinike isikhathi phakathi nesifundo ukuze sicabangele amaphuzu asesithasiselweni?
4 Isithasiselo: Isithasiselo sinezihloko ezingu-14 ezenezela endabeni eyinhloko. Ungazikhethela ukuthi uyoxoxa yini ngalezi zihloko phakathi nesifundo. Kwezinye izihloko ungase ukhethe ukukhuthaza umfundi ukuba azifundele lawo maphuzu anezelayo, ikakhulu uma eyiqonda futhi eyamukela indaba eyinhloko. Ngokwesibonelo, uma umfundi ekukholelwa kakade ukuthi uJesu unguMesiya, singase singabi khona isidingo sokusihlaziya naye isihloko esithi “UJesu Kristu—UMesiya Othenjisiwe,” lapho nixoxa ngesahluko 4 esithi, “Ungubani UJesu Kristu?” Ngezinye izikhathi, kungase kuzuzise ukuzinika isikhathi phakathi nesifundo ukuze nixoxe ngamaphuzu asesithasiselweni noma ingxenye ethile yaso.
5. Uma sikhetha ukucabangela amaphuzu asesithasiselweni, singakwenza kanjani lokho?
5 Uma ukhetha ukuxoxa ngamaphuzu asesithasiselweni, ungase ulungiselele imibuzo bese nicabangela izigaba nomfundi ngendlela obuzokwenza ngayo endabeni eyinhloko. Noma ungase ukhethe ukuzinika imizuzu embalwa phakathi nesifundo ukuze nibukeze lawo maphuzu nomfundi, kuye ngezidingo zakhe. Lokhu kuyokwenza uqiniseke ukuthi uyayiqonda indaba azifundele yona eyedwa.
6. Lingasetshenziswa kanjani ibhokisi lokubukeza esiphethweni sesifundo ngasinye?
6 Ibhokisi Lokubukeza: Ngokuvamile, ibhokisi elisekugcineni kwesahluko ngasinye linezimpendulo zemibuzo eyisethulo. Ungazisebenzisa ekubukezeni amaphuzu ayinhloko esahluko. Abanye abamemezeli bakuthole kuwusizo ukufunda nomfundi impendulo ngayinye futhi mhlawumbe bafunde nemibhalo ehambisana nayo. Babe sebecela umfundi ukuba achaze kafushane ukuthi imibhalo iyifakazela kanjani leyo mpendulo. Lokhu kwenza umfundisi abone ukuthi umfundi uwaqonda ngokucacile yini amaphuzu ayinhloko esifundo nendlela iBhayibheli eliwasekela ngayo, futhi kumsiza abone ukuthi uyavumelana yini nawo. Kuqeqesha nomfundi ukuba asebenzise iBhayibheli lapho echazela abanye amaqiniso.
7. Singayisebenzisa kanjani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze sifeze umsebenzi esiwuphathisiwe?
7 Indlela ephumelela kakhulu yokufeza umsebenzi esiwuphathisiwe wokufundisa abantu nowokwenza abafundi iwukulingisa izindlela zikaJesu zokufundisa. (Math. 28:19, 20) Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ingasisiza ukuba senze lokho. Yisebenzise kahle ukuze ufundise abanye iqiniso ngendlela ecacile, elula nethakazelisayo.