Amazwibela Ombiko Wenkonzo
Kusukela ngo-1993 bangu-271 abazalwane abangashadile asebeye Esikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo (manje esesibizwa ngokuthi ISikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile) esiseZambia. Ngo-2010, bangu-29 abazalwane abathweswe iziqu. Iningi lalabo ababuya kulesi sikole lisenkonzweni yesikhathi esigcwele, abangu-74 bangamaphayona avamile, abangu-64 akhethekile kuthi abangu-36 babe ngababonisi abajikelezayo. Kusenesidingo esikhulu sabazalwane abangashadile abangazenza batholakalele leli lungelo.