Ingabe Uzozuza Kumagazini Owenziwe Lula?
INqabayokulinda efundwayo manje isiyatholakala ngohlelo lwesiNgisi olwenziwe lula. Lolu hlelo lulungiselelwe (1) abamemezeli abakhuluma isiNgisi abangazuza endleleni elula okubekwe ngayo amagama, mhlawumbe ngenxa yokuba nemfundo elinganiselwe; (2) abamemezeli abalulimi lwabo lwendabuko kungesona isiNgisi; (3) intsha, kuhlanganise nabasafunda; kanye (4) nesifunda nabo iBhayibheli abadinga ulimi olulula noluqondile ukuze baqonde izindaba ezingokomoya.
Inani lezigaba, imibuzo kanye nezihlokwana kuyahambisana nomagazini ovamile. Ukwaziswa kufana nsé kodwa indlela okubekwe ngayo ilula. Yize umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda nomfundi wezigaba beyosebenzisa uhlelo oluvamile ngaphandle uma abaningi ezilalelini besebenzisa uhlelo olwenziwe lula, labo abasebenzisa uhlelo olwenziwe lula bayobona imiBhalo efanayo ekhonjiwe nemifanekiso efanayo futhi bayokwazi ukulandela njengoba kufundwa izigaba futhi bahlanganyele ngezimpendulo.
Noma ubani ocabanga ukuthi uzozuza kufanele afake isicelo sokuwuthola njalo lo magazini encekwini kamagazini.