Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-February 27, 2012. Kufakwe usuku okuzoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.
1. Ingabe inembile inkulumo ethi isihe sikaJehova sithambisa ubulungisa bakhe? (Isaya 30:18) [Jan. 9, w02 3/1 k. 30]
2. Isiphi isifundo esingasifunda ngokususwa esikhundleni kukaShebina ekubeni umphathi wendlu kaHezekiya? (Isa. 36:2, 3, 22) [Jan. 16, w07 1/15 k. 8 isig. 6]
3. Singafundani ekulandiseni okuku-Isaya 37:1, 14-20 ngendlela esingabhekana ngayo nokucindezeleka? [Jan. 16, w07 1/15 k. 9 izig. 1-2]
4. Umfanekiso osetshenziswe ku-Isaya 40:31 uzinikeza kanjani isikhuthazo izinceku zikaJehova? [Jan. 23, w96 6/15 kk. 10-11]
5. Ikuphi ukuhlasela okusondelayo okwenza amazwi kaJehova aku-Isaya 41:14 asikhuthaze ngokukhethekile namuhla? [Jan. 23, ip-2 k. 24 isig. 16]
6. Simbonisa kanjani uJehova ukuthi ‘siphishekela ukulunga’? (Isaya 51:1) [Feb. 6, ip-2 k. 165 isig. 2]
7. Bangobani ‘abaningi’ okukhulunywa ngabo ku-Isaya 53:12, futhi isiphi isifundo esithinta inhliziyo esisifunda endleleni uJehova asebenzelana ngayo nabo? [Feb. 13, ip-2 k. 213 isig. 34]
8. Yini abantu bakaJehova abaye bayibona yenzeka phakathi nalezi zinsuku zokugcina eyachazwa ngendlela engokomfanekiso ku-Isaya 60:17? [Feb. 20, ip-2 k. 316 isig. 22]
9. Umelelani “unyaka wokuthakazelelwa” uJesu nabalandeli bakhe abayalwa ukuba bawumemezele? (Isaya 61:2) [Feb. 20, ip-2 kk. 324-325 izig. 7-8]
10. Iyiphi imfanelo kaJehova emangalisayo eqokonyiswe emazwini aku-Isaya 63:9? [Feb. 27, w03 7/1 k. 19 izig. 22-23]