IZaziso
◼ Isipho senyanga ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-April: Ungaba Umngane KaNkulunkulu nethi Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? nanoma iyiphi enye incwajana ibandla okungenzeka linayo esitokweni. Ngo-May: INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Inkulumo ekhethekile eyonikezwa ngempelasonto yeSikhumbuzo inesihloko esithi “Ingabe Isikhathi Sesihambe Kakhulu Kunalokho Okucabangayo?”
◼ Noma nini lapho uhlela ukuya ezweni elingekho phakathi kwamazwe asohlwini oluseceleni embikweni walo nyaka wenkonzo noma ikheli lalo elingekho ekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka yamuva, sicela uxhumane nehhovisi legatsha lezwe lakini ukuze uqiniseke ukuthi iziphi izinyathelo okufanele uzithathe nokuthi iziphi iziqondiso okungase kudingeke uzilandele. Kungenzeka ukuthi umsebenzi woMbuso kulelo zwe uvinjelwe ngandlela-thile. (Math. 10:16) Kwamanye amazwe kungase kungatuseki ukuba izivakashi zixhumane noFakazi bendawo noma amabandla. Ungase uthole nesinye isiqondiso esimayelana nokushumayela ngokwethukela noma ukuphatha izincwadi. Ukubambisana nalesi siqondiso kuyogwema izinkinga ezingadingekile ongase ubhekane nazo noma ezingakhinyabeza umsebenzi woMbuso ezweni oya kulo.—1 Kor. 14:33, 40.
◼ Siyajabula ukunibikela ukuthi kuphinde kwanikezelwa amaHholo OMbuso amathathu. Ibandla lase-Eerstegeluk nelaseMadibong eLimpopo, nelase-Ebony Park eMidrand ajabulele lesi senzakalo esijabulisayo.