Izinhlamvu Ezimbili Zenani Elincane
Enye indlela ebalulekile esisekela ngayo izithakazelo zoMbuso iwukunikela ngezimali emsebenzini wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke. Kuthiwani uma singenayo imali eningi?
Ngesinye isikhathi uJesu wabona umfelokazi ompofu ethempelini efaka ebhokisini lomnikelo izinhlamvu ezimbili zenani elincane. Ukuthanda uJehova kwamshukumisela ukuba “ekusweleni kwakhe” anikele ‘konke ayenakho, konke ayeziphilisa ngakho.’ (Marku 12:41-44) UJesu wakuphawula lokho, wabonisa ukuthi umnikelo wakhe wawunenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu. Ngokufanayo, amaKristu ekhulu lokuqala awazange abheke umthwalo wemfanelo wokusekela inkonzo ngezimali njengelungelo lamaKristu anothile kuphela. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngesibonelo sabaseMakedoniya nakuba ‘babempofu kakhulu basincenga ngokuncenga okukhulu becela ilungelo lokupha ngomusa.’—2 Kor. 8:1-4.
Ngakho-ke, uma kuwukuthi singanikela ‘ngezinhlamvu ezimbili ezinenani elincane’ kuphela, kufanele sikhumbule ukuthi iminikelo eminingi emincane uma isihlangene ingaba imali eningi. Ukunikela kwethu ngokusuka enhliziyweni kuyomjabulisa uBaba wethu wasezulwini onesandla esivulekile, ngoba “uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Kor. 9:7.